Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ishansela yeNdlunkulu kaZulu okuyiNkosi uMelusi Zondi isemizameni yokutakula inkampani kashukela okuyiTongaat Hullets.
Lokhu kulandela imihlangano aseyibambe nezinhlaka ezahlukene ukuze kuvinjwe ukuvalwa kweTongaat Hullets.
Inkosi uZondi isukumele lolu daba ngemuva kokuthunywa iSilo ukuba ibenezingxoxo nezinhlaka ezithintekayo ukuze kuvinjwe ukuvalwa kweTongaat Hullets.
Ngempelasonto Inkosi uZondi ihlangane noNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni okunguMnuz Parks Tau eThekwini nokuyilapho bebhunge kabanzi ngeqhingasu lokuba kuhlengwe iTongaat Hullets.
INkosi uZondi ibuye yahlangana nephini likaMengameli wezwe uMnuz Paul Mashatile nokuyilapho bekhulume kabanzi ngodaba lweTongaat Hullets okuthuthukiswa lwezindawo zamakhosi.
“Sibhunge ngokuningi nephini likaMengameli okuhlanganisa nokuba uHulumeni akubeke eqhulwini ukuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya eKZN,,” usho kanje.
Ngaphandle kwalokho uNgqongqoshe uTau yena kuthe uma ekhuluma nalabo abathintekayo nabakweletwa iTongaat Hullets, kodwa kwacaca ukuthi abanye babo iqhingasu lokuhlengwa kwe-Tongaat Hullets .
Abanye okubalwa kubo abalimi nabasembonini kashukela kuthiwa abaqondi kahle ukuthi kungenzeka uma ifakwa ohlelweni lokuhlengwa kuzobanenkinga yokuba bakhokhelwe noma bathole imali yabo ngokushesha.
Le nkampani eneminyaka ebalelwa kwengu-130 selokhu yasungulwa ibisiza abalimi bakamoba ngenzuzo iningi labo elahlomula ngokubuyiselwa umhlaba ngaphansi kohlelo lukahulumeni.
Kumanje lolu daba lusenkantolo kanti abanye abathintekayo bamelwe abammeli abangu-200.
