Celani Sikhakhane noLinda Ximba
Umndeni waseNdlunkulu yakwaZulu umeme iSilo sase-Swatini, uMakhosetive Mswati III, ukuba asize ekuxazululeni le mpi ekhona manje yomuntu okumele ahlale esihlalweni sobukhosi.
INkosi uMswati III ungumfowabo weNdlovukazi ebiyibamba iNdlovukazi uMantfombi Dlamini ongasekho futhi ungumalume weNkosi yamaZulu uMisuzulu kaZwelithini.
Lesi simemo sidalulwe nguMntwana uMangosuthu Buthelezi kwi-Gala Dinner ebibanjelwe ukumhlonipha ngoMgqibelo e-Dundee, eNyakatho yeKwaZulu-Natali.
Udalule ukuthi lesi simo sibucayi nokuthi umndeni unethemba lokuthi uzosixazulula ngokushesha okukhulu.
“INkosi uMswati ilethwe ngenhloso yokuthola isisombululo. Siyethemba ukuthi ukuzibandakanya kwakhe kuzoletha uzinzo nokuthula enkantolo yaseNdlunkulu,” kusho uButhelezi.
Umntwana naye ubezimisele ngokuqeda noma yikuphi ukudideka ngomholi okhona weSizwe samaZulu.
“Okunye okungamele kudide abantu ukuthi iNkosi ngubani. Sonke siyazi ukuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini yiNkosi ebusayo yeSizwe samaZulu,” esho.
UButhelezi uthe iNkosi uMswati uzohlanganisa abantu abafana noNdunankulu wase-KZN uWillies Mchunu, uMengameli uCyril Ramaphosa kanye nabaholi boMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu ukuze baxazulule le ngxabano.
Ngenyanga edlule, uButhelezi wahambisa iNkosi uMisuzulu e-Swatini ukuyomethula ngokusemthethweni kumalume wakhe, iNkosi uMswati.
Ngakolunye uhlangothi, iqembu laseBukhosini elaziwa ngokuthi abashokobezi baseNdlunkulu lihlangane kwaNongoma ukumemezela ngokusemthethweni uMntwana uSimakade njengeNkosi ephethe yeSizwe samaZulu.
Lo mhlangano ubuhanjelwe yiwo wonke amakhosikazi amahlanu eSilo uZwelithini, kanye noMntwana uMbonisi Zulu waseKhwezi, amanye amazinyane eSilo esikhotheme uGoodwill Zwelithini namanye amalungu omndeni asohlangothini lukaMntwana uSimakade.
Emhlanganweni kuvezwe igama lalowo ozongenela isikhundla sobukhosi okunguMntwana uBuzabazi, kodwa washeshe wenqatshwa ngemuva kokuthi abanye bekhononda ngokuthi lokhu kuzodala ukudideka. Ngakho-ke, uMntwana uSimakade kaZwelithini ugcinwe efakwa njengembangi yeSilo uMisuzulu.
Kodwa-ke, uButhelezi uthe indaba yoMntwana uSimakade ayinangqondo kwazise umama wakhe ubeyintombi yeSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu okhotheme.
“USimakade akakwazi ukuba yiNkosi,” kusho uButhelezi.