INkosi uMisuzulu usethathe unkosikazi wesibili e-Swatini

Celani Sikhakhane

INkosi uMisuzulu kaZwelithini usethathe unkosikazi wesibili e-Swatini futhi nezingxoxo zamalobolo seziqalile.

NgeSonto iNdlunkulu kaZulu yamukele uLihle Makhubo ophuma e-Swatini ngokusemthethweni esigodlweni sakwaKhangelamankengane endaweni yaseNkunzana kwaNongoma.

UKaMakhubo ubephelezelwa umndeni wakhe nezintombi.

Ufike kuleli ngoMgqibelo wahambela inkonzo yebandla ebisesigodlweni i-Seventh Day Adventist Church.

I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi iNdlovukazi uKaMayisela, unkosikazi wokuqala obekumele abambe iqhaza enkonzweni, udube umcimbi wanquma ukuhamba ngemuva kokutshelwa esendleleni eya esigodlweni ukuthi kukhona iNdlovukazi yesibili ezayo.

UKaMakhubo useneminyaka ethandana neNkosi uMisuzulu KaZwelithini kanti kubikwa ukuthi uphuma kweminye yemindeni ecebe kakhulu e-Swatini.

Uphinde abe nesikhundla esiphezulu emkhakheni wamabhange.

Ngesikhathi somcimbi wokwamukela, uKaMakhubo uthelwe ngenyongo yembuzi njengophawu lokumamukela emndenini wasebukhosini.

“Sizobhekisa amabombo e-Swatini emasontweni ambalwa azayo ukuyokhokha amalobolo emndenini wakwaMakhubo. Silungiselela umembeso, umcimbi wokupha inkosikazi yokuqala yeNkosi iNdlovukazi uNtokozo Mayisela izipho e-Newcastle,” kusho omunye wabasondelene kakhulu neNkosi. 

Uthe iNkosi izoganwa amanye amakhosikazi amathathu.

Ngokusho kwalowo ozithembayo, wonke amakhosikazi azovusa isigodlo sakwaNodwengu, isigodlo seSilo uShaka kwaDukuza.

Ngesonto lokuqala likaZibandlela uMisuzulu uzoyiswa esibayeni njengengxenye yokugcotshwa kwakhe ngokusemthethweni kanti umalume wakhe iNkosi uMakhosetive Mswati uzobe eyingxenye yalowo mkhuba.

INkosazana uThembi Zulu Ndlovu utshele i-Scroll.Africa ukuthi akazange aye enkonzweni noma emcimbini wokwamukela ngoba ubengamenywanga nakuba ubazi.

Izihloko zakamuva