INkosi uMisuzulu isajabule ngonkosikazi wayo futhi akajahile ukuthola owesibili

Celani Sikhakhane

ISilo Samabandla, iNkosi uMisuzulu Zulu kaZwelithini iveze ukuthi ayijahile ukuthola unkosikazi wesibili.

Ekhuluma okokuqala ngqa selokhu aqokwa esihlalweni sobukhosi bakwaZulu uthe usajabule ngomkakhe, onezingane ezimbili naye.

Ngokwesiko lamaZulu, iSilo sidinga ukushada unkosikazi ozozala indlalifa.

Engxoxweni abenayo ne-eNCA, iSilo sithe hhayi ngoba sibalekela amasiko, kodwa usajabule okwamanje ngonkosikazi oyedwa anaye.

INkosi uMisuzulu yakhokha ilobolo lezinkomo eziyishumi nezi-R50,000 zemali emndenini wesithandwa sayo, uNtokozo Mayisela e-Blaauwbosch, e-Newcastle ngenyanga edlule.

Uthe umshado awukabi bikho ngoba basazilile.

ISilo siphinde sathinta nodaba lomfowabo uMntwana uSimakade Zulu okubikwa ukuthi uhambise igama lakhe kuhulumeni wesifundazwe saseKZN ukuze amukelwe njengeNkosi yakwaZulu.

Uthe unesiqiniseko sokuthi umfowabo ngelinye ilanga uzobuya ekhaya futhi babambisane ukuhlanganisa umndeni.

Uthe uyamthanda umfowabo nobabekazi wakhe kanye nobaba wami, uPrincess Mbonisi.

“Ngakho-ke anginamuntu engingamthandi emndenini wami,” esho.

Mayelana nodaba lomhlaba, ukubeke kwacaca ukuthi uzowuvikela umhlaba kodwa futhi ufuna ukumema abatshalizimali ukuthi bawuthuthukise ukuze ube yinzuzo kubantu bakhe.

“Into yokuqala engizibekele yona ukuhlanganisa umndeni wami ngoba isisa siqala ekhaya. Bese ngizokwazi ukuhlanganisa isizwe samaZulu,” kusho yena.

Uthe abakwazi ukuthuthukisa umhlaba bebodwa futhi badinga abanye ukuthuthukisa umhlaba.

“Ubaba wabeka isisekelo okufanele ngiqhubeke naso,” esho.

Izihloko zakamuva