Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
IPhini likaNdunankulu kaZulu lifuna achithwe esikhundleni uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ngoba limsola ngokuhlulwa umsebenzi.
Inkosi Phathisizwe Chiliza ifake isiphakamiso sokungamethembi uNtuli kanti ifuna lolu daba ludingidwe ngevoti lokumchitha esikhundleni engakapheli amasonto amabili.
Lesi siphakamiso iNkosi uChiliza isifake ngoMsombuluko ehhovisi likaSomlomo uNksz Nongembeko Boyce kanti isifake njengelungu loMkhonto weSizwe Party eSishayamthetho saseKZN.
“Sifake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli njengoNdunankulu wesifundazweni. Selokhu athatha izintambo uHulumeni ulahlekelwe ulayini futhi akucaci nokuthi kwenziwani. Yingakho sifuna aphume esikhundleni,” kuchaza uChiliza.
Selokhu uNtuli angena esihlalweni ngaphansi kukaHulumeni wobambiswano iMKP izama konke okusemandleni ukuba achithwe esikhundleni..
Ngesikhathi ekhethwa uNtuli ngokwenhlanganisela yamaqembu okubalwa kuwo i-ANC,i-IFP,i-DA neNFP wakwazi ukuthatha izintambo ngamavoti angu-41 .
INkosi uChiliza nayo eyayigaqele lesi sikhundla ,yakhala ngaphansi ngamavoti angu-39 ayehlanganisa amabili e-EFF.
Kwenzeka lokhu nje isimo sishubile kuHulumeni ikakhulukazi phakathi kwe-IFP ne-ANC.
Imbangela yale ngxabano uqalwe ukunyakaziswa komasipala abaholwa uKhongolose nokusolwa kuyo uNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi ngesikhathi i-IFP ikhipha esikhundleni obeyiMeya yaseMkhanyakude, uMnuz Siphile Mdaka.
Kusuka lapho i-ANCYL yona ivele yamgadla yathi uKhongolose akavele aphume kulobu budlelwano enabo ne-IFP kuHulumeni wobumbano.
Ngakolunye uhlangothi uKhongolose usuvele wacela umhlangano ophuthumayo ne-IFP ukuze kulungiswe amaphutha kungakafikwa nasevotini leMKP lokukhipha uNtuli.
