INkosi uCharles ihaqwe umdlavuza

I-Buckingham Palace imemezele ngoMsombuluko ukuthi iNkosi uCharles III kutholakale ukuthi unesifo somdlavuza.

Kodwa abazange bacacise ukuthi uhlobo luni lwesifo somdlavuza esihwaqe INkosi.

Lokhu kuvele ngemuva kokwelashwa kwe-enlarged prostate, engahlobene nomdlavuza wakhe.

Kusukela ngoMsombuluko iNkosi eneminyaka engu-75 iqale ukwelashwa futhi izonciphisa imsebenzi yayo yomphakathi.

Isahlose ukuqhubeka nokufeza imisebenzi yayo njenge nhloko yombuso, okuhlanganisa izibopho zayo ngokomthethosisekelo kanye nemihlangano yangasese.

INkosi itshele umndeni wayo ngesimo sayo, kanti iNkosana uWilliam kanye neNkosana uHarry baxhumeke kakhulu nayo.

INkosana uHarry uhlela ukuvakashela e-UK esuka eMelika ukuyobona ubaba wakhe maduze. INkosi uCharles ihlela ukuqhubeka nemisebenzi yomphakathi ngokushesha uma isiluleme.

Lezi zindaba zilandela uhlelo lwakamuva lwe-Prostate, iNkosi edlule kulo ngenxa yesimo esingesihle, nalapho okuhlonzwe khona umdlavuza.

Ikuqinisekisile ukuthi izokwazisa umphakathi ngokugcwele ngesimo sempilo ukugwema amahlebezi nokuqagela.

I-Royal Society of Medicine isincome iNkosi ngokuphumela obala, yaphinde yakhuthaza umphakathi ukuthi uzibandakanye ekuhloleni umdlavuza.

UNdunankulu uRishi Sunak, umholi wezabaSebenzi uSir Keir Starmer, kanye noSomlomo we-Commons uSir Lindsay Hoyle bonke bafisela ukuthi iNkosi ukululama ngokushesha.

UMengameli waseMelika uJoe Biden ukhombise ukwesekwa iNkosi ekhuluma ngakwaziyo ngesifo somdlavuza.

INkosi uCharles yangena esihlalweni sobukhosi kulandela ukushona kweNdlunkulu u-Elizabeth II ngoMandulo ngonyaka ka-2022, futhi ukutholakala komdlavuza kwenzeka ngemuva kokuthi bobabili noNdlunkulu uCamilla behlela ukuhambela amazwe ngamazwe.

INdlunkulu ibingakaqinisekisi izinguquko kulezi zingxoxo ezihleliwe.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe ngenhla: INkosi uCharles.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva