INkosi uCharles ayiboni ngaso linye noNdunankulu wase-UK

Arthur Greene

ULiz Truss akazange abe nenyanga yokuqala elula njengomholi wase-United Kingdom – kodwa okungenani angaduduzwa izethameli kanye neNkosi entsha

Ngokusobala akunjalo.

UNdunankulu uhlangabezane nembibizane ngesikhathi eyobona iNkosi uCharles kuleli sonto.

Ngesikhathi engena ehhovisi leNkosi e-Buckingham Palace, uye wambingelela wathi “Nkosi yesizwe” uCharles waphendula wathi: “awu usubuyile futhi?”

Ezinsukwini ezingu-18 zokuqala ehhovisi, uLiz Truss umemezele u-£45 billion (R930 billion) wokwehliswa kwentela okwenza izimakethe zintenge.

Yize lokhu kubonakala kuyisimangaliso ezinsukwini ezingu-18 nje kuphela, akazange abe namandla ezinsukwini zokuqala eziyishumi ngesikhathi leliyazwe lizilela ukukhothama kweNdlovukazi.

Ucekele phansi ubuNdunankulu bakhe esikhathini esingaphezudlwana nje kwesonto. Lokhu, njengoba omunye umbhali we-Economist ephawulile kusho ukuthi wenza umsebenzi omubi ngokwedlulele.

Ividiyo engenhla: Ukuhlangana okungekuhle kukaLiz Truss neNkosi uCharles

Umthombo wesithombe: @business

Izihloko zakamuva