Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Inkosi yesizwe sakwaMaphumulo eMbumbulu uNathi Maphumulo ixoshe izinduna zesilisa yafaka ezesifazane ngenhloso yokuqeda udlame esizweni sayo.
Isinyathelo sikaMaphumulo sesiqalile ukuthela izithelo.
Umsebenzi wobuduna kwaziwa ukuthi kuwona kugcwele amadoda anezandla eziqinile futhi ahlonishwayo. Izinduna izona ezihlala esandleni sokuphosa samakhosi. Zinamandla okuthatha izinqumo kwezinye izindaba.
Isinqumo esiyingqophamlando sokukhipha abesilisa kufakwe abesifazane kulezi zikhundla simenyezelwe kuleli sonto.
Lesi senzo esiyingqophamlando simenyezelwe ngesikhathi kuvulwa umtholampilo kanye nomtapo wolwazi ezindaweni zasemakhaya eMdumezweni eMbumbulu eNingizimu yeTheku.
UMaphumulo utshele amalungu omphakathi ukuthi isihlava sodlame esithinta izinduna zabesilisa yinto eholele ekutheni athathe isinqumo sokuthi afake abesifazane ezikhundleni zabo.
“Sinenkinga ngesibalo esiphezulu sezinduna ezibulawayo kanti ezinye zibandakanyeka ezingxabanweni eziningi. Ngakho ezikhundleni zalezo zinduna esezidlulile emhlabeni ngafaka abesifazane,” kusho uMaphumulo etshela umphakathi.
“Isizathu ukuthi abesifazane bangabantu abathanda ukuthula futhi kubuhlungu ukubona izingane zabo nabayeni babo okuhlanganisa namalungu omphakathi, bebulawa. Yingakho ungeke ubabone bebandakanyeka kunoma yiluphi udlame.”
Zibalelwa kweziyisishiyagalolunye izinduna ezibulewe KwaZulu-Natal kusukela nyakenye ngenxa yezingxabano ezigodini kanye nokungaboni ngasolinye ngezikhundla.
Imiphakathi yaKwaZulu-Natal ibhekane nezinye izinkinga ezithinta izinduna zesilisa.
Ezinye izinduna zisolwa ngokuqola imiphakathi izindawo zazo. Ezinye zisolwa ngokuhlala zikhothile.
Ngenxa yalezi zinkinga kumenywe abaholi bendabuko ukuthi kuvuselelwe isikole samabanga aphezulu iKing Bhekuzulu High okwakuyisikole sabaholi bomdabu kwaNongoma, eNyakatho yeKwaZulu-Natal.
Ekuqaleni lesi sikole ngokukhethekile sakhelwa izingane eziphuma emindenini yasebukhosini – sasihlinzekela ikakhulukazi amakhosi nezindlovukazi ezizayo ukuze zicije amakhono azo obuholi. Ngokufika kwentando yeningi kuleli sagcina sesivumela zonke izingane emphakathini singasagxili kubaholi bomdabu. Uhlelo lokufunda lwagcina lushintshile imfundo eyisisekelo neyezinye izikole zakuleli. Kodwa-ke, isikole siyaqhubeka nokubeka phambili ubuholi nokuziphatha.
Iningi labaholi bendabuko abadala okubalwa neSilo esakhothama uZwelithini kaBhekuzulu bafunda kulesi sikole.
Esithombeni esingenhla: INkosi uNathi Maphumulo, uNonhlanhla Jele kaMasipala waseMlalazi kanye nowayenguMengameli wamaJaji KwaZulu-Natal u-Isaac Madondo.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe