
Celani Sikhakhane noZukile Majova
Isinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu esivune iSilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini sesivule indlela yokuthi isizwe samaZulu sigcine sibeke iSilo saso esihlalweni sobukhosi.
AmaZulu nabantu baseNingizimu Afrika jikelele bajabule ngendlela eqondakalayo mayelana nokwenzekayo ukubona ukugcotshwa kweNkosi yeSizwe samaZulu esinabantu abangu-15 million.
Okungenani izizukulwane ezintathu zabantu baseNingizimu Afrika azikaze ziwubone lo mcimbi njengoba iNkosi yokugcina, iSilo samaBandla uGoodwill, agcotshwa ngo-1971 futhi wahlala esihlalweni sobukhosi iminyaka engu-50.
Abantu baseNingizimu Afrika ababephila ngaleso sikhathi baphuthelwa wukubuka lo mcimbi ngenxa yokuthi babengekho omabonakude nezinkundla zokuxhumana.
Kulokhu, izigidi zabantu baseNingizimu Afrika nasemhlabeni bazothola ithuba elingandile lokubuka umlando wenzeka phambi kwamehlo abo.
Ngaphezu kwakho konke, manje iNgonyama kaZulu isicebe kakhulu kunakuqala emlandweni njengoba isabelomali saminyaka yonke singaphezu kuka-R60 million ngonyaka ikakhulukazi esikhwameni sikahulumeni.
Izigidi ezengeziwe ziqoqwa emalini yobukhosi ngaphansi kweNgonyama Trust Fund ephethe u-30% wawo wonke umhlaba KwaZulu-Natali.
Isinqumo sangoLwesithathu sePhini likaMengameli wamaJaji eKZN uMjabuliseni Madondo sichithe iNkosana uMbonisi Zulu ekuvimbeni ukugcotshwa kwenkosi.
IJaji uMadondo uthe izicelo ezethulwe enkantolo nguMntwana uMbonisi, uNdlunkulu uSibongile uMaDlamini, namadodakazi akhe uNtandoyenkosi kanye neNkosazana uNtombizosuthu azihlangene nokugcotshwa kweSilo.
“UMisuzulu KaZwelithini nguyena onelungelo lokuthatha isihlalo sobukhosi. Kanti futhi akekho noyedwa kwabafake isicelo ophikise ukugcotshwa kwakhe. Ngisho noMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini akakaze aphonsele inselelo isihlalo sobukhosi noma avume ukuqokwa. Noma ngabe kuthiwa uyavuma angeke aphumelele,” kusho Ijaji uMadondo.
UNdunankulu weSilo uMntwana uMangosuthu Buthelezi usishayele ihlombe lesi sinqumo wathi sikhombisa ukuthi ukuqokwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini kwakungesona isinqumo sakhe njengoba kushiwo iqeqebana elingaphakathi eNdlunkulu kaZulu.
Kungenzeka ukuthi lesi sinqumo sizokwenza uHulumeni wesiFundazwe akhiphe isabelomali sonyaka esingu-R65 million obekumele sinikezwe iSilo uMisuzulu ngonyaka odlule.