Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Inkosi yesizwe sakwaCebekhulu icele uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ukuba angenelele ukunqanda inkohlakalo yabasebenzi boMnyango wezokuBuyiswa koMhlaba ebasola ngokweba amapulazi emiphakathi esuke ibuyiselwe imihlaba yayo.
INkosi uRusell Cebekhulu oyilungu lePhalamende le-IFP eKapa ikusho lokhu ngoLwesithathu ngesikhathi yethula inkulumo yayo eyingxenye yezinkulumo mpikiswano eziqhubekayo.
“Mhlonishwa Mengameli uma ubheka wadwetshwa wabamuhle lo mthetho wokubuyiselwa komhlaba kubantu. Kodwa sinenkinga ngabasebenzi boMnyango abalapha emazingeni aphasia kubantu.
“Ayabuyiswa amapulazi kodwa uma sekufanele bawadedele bayawahlephula iziqephu bese uthola ukuthi sekunezingxenye abazinikeze abangani babo. Lokhu kwenzeka ekubeni isicelo ebesisuke sifakiwe sikhomba ukuthi umhlaba ubuyiselwe ezizweni ezingabanikazi bawo,” kusho Inkosi uCebekhulu.
Iqhube yathi ubungozi bale nkohlakalo ukuthi kuzosuka udlame lomhlaba ezindaweni zamakhosi futhi kuyoba lukhuni ukuba linqandeke.
UCebekhulu ukusho lokhu nje ezingxenyeni eziningi eKZN isimo sibi kulabo ababuyiselwe umhlaba ngaphansi kwesigaba 25 soMthethosisekelo esibizwa ngeLand Restitution.
Kuthiwa abasebenzi boMnyango wezokuBuyiswa koMhlaba ngaphansi kweLand Commision sebenodedangendlale bamapulazi ababathola ngabantu abasuke befake izicelo zokubuyiselwa umhlaba.
Kuthiwa kwesinye isikhathi bavele bafike batshele umphakathi ukuthi bazoletha umuntu ozosebenza ipulazi eliyingxenye yomhlaba osuke ubuyisiwe.
Yilapho-ke okuthiwa ubugebengu benzeka khona.
Lokhu kuthiwa sekudale imibhikisho eminingi ezindaweni ezokoVryheid, Dundee, Greytown nakoDumbe nasoPongolo.
Kule mibhikisho kunegama lesikhulu okuthiwa sikwaLand Commision elihlale liphezulu nesisolwa ngokuthi sesiyiqedile imihlaba yabantu.