Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Inkosi yesizwe sakwaZulu esigodini saseSamungu eShowe ikhala ngamalungelo asephendule abanye abafundi izigelekeqe njengoba becasha ngawo ukuze bengajeziswa.
Ikusho lokhu ikhuluma mcimbini wokucija abafundi besigodi sayo, obuhlelwe inhlangano iSamungu Ikhayalethu esungulwe izinsizwa zendawo.
Ikhuluma ngempelasonto, iNkosi uPhumlani Zulu ithe sekuyisikhathi sokuba abafundi baqoke ilungelo elibaluleke kunawo wonke kuMthethosisekelo wezwe, okungelokufunda ukuze babenekusasa eliqhakazile nabangeke bazisole ngalo.
“Ezinye izingane sezisebenzisa amalungelo budedengu njengokuthi zivele zingene ebugebengwini bese zicasha ngawo. Ziyazi ukuthi awuzukuzenza lutho ngoba ayazivikela. Ngakho ngiyacela ukuba nikhethe ilungelo lokufunda ikuze ningabi yingxenye yokuba izigqila zezidakamizwa,” kusho iNkosi uZulu.
Iphinde yazibophezela ukuba inikele ngemali yayo emidlalweni okungaba eyebhola neminye ukuze intsha igxile ekuzithuthukiseni ngamakhono kunokudla izidakamizwa.
USihlalo weSamungu Ikhayalethu, uMnuz Sihle Makhoba uthe basungule le nhlangano ngoba befuna ukuba kusizakale intsha yendawo yangakubo beyithimba lezinsizwa ngoba bebona ukuthi iSamungu isemakhaya asaqhelelene nezinto zokuzithuthukisa.
“Intsha eningi eSamungu isavalelekile ngokwamathuba. Yingakho sihlangane siyizinsizwa zomphakathi sakhuleka enkosini yesizwe ukuba sibenalolu hlelo. Ngikhuluma nje intsha yaseSamungu isanokuthi uma uqeda isikole kumele uyoba ama-security, amaphoyisa, abshlengikazi noma ukuba othisha uma ingasabanga odokotela. Yizinto vele lezo ezisemehlweni abo,” kuchaza uMakhoba.
Uthe kulokhu bahlanganyele nemikhakha eyahlukene okubalwa kuyo, uMnyango wezokuDoba, amaHlathi neMvelo, owezokuMbiwa, amaPhoyisa aseSundumbili, abezeMfundo eMlalazi, inkampani iRBM, iSANEDI neNECSA.
UMakhoba uthi obekuseqhulwini ukuqeqesha abafundi ngemikhakha esondelene nezeSayensi, ubunjiniyela nobuChwepheshe.