Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Inkosi esolwa ngokuqola umphakathi waseMandela Park e-Mthatha imali ebizwa nge-Protection Fee, isiyalele izakhamizi ukuba zikhokhe imali engu-R100 umuzi ngamunye ukuze ifake IKumkani yabaThembu enkantolo ngecala lokuyithuka.
Inkosi u-Akhumzi Mareke ukusho lokhu ku-Whatsapp Group ayisungula yena ukuze axhumane kalula nomphakathi wakhe.
Usole izakhamizi ngokuba amaxoki nokuhluleka ukumvikela ngesikhathi ethukwa iKumkani yaBaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo emhlanganweni obusesikoleni iLaphuma Ikhwezi Senior Primary School ngoLwesibili.
IKumkani itshele umphakathi ukuthi ikhathele uMareke ngoba uyinkosi yokuzibeka yize yena uKumkani elufake enkantolo udaba lwakhe ukuze angalokhu ezibiza ngenkosi.
UMareke uthe kuzomele umphakathi ukhethe ukuthi ngabe ubani inkosi okhonza kuyo phakathi kwakhe neKumkani.
“Ningamaxoki, anisangivikeli lobaba engithuka ekhuluma izinto ezingekho ngami. Uma beningayifuni le-Protection Fee kungani beningamashi? Benithuleleni? Okokuqala akekho umuntu engimuqolayo kodwa bengivikela nina ezigebengwini.
“Niyabonake manje ngaphambi kokuba ngiyivale le-Whatsapp Group, ngizocela umuzi ngamunye ukhokhe imali engu-R100 ukuze ngiyokhokhela abameli ngoba sifuna ukuya enkantolo siyomangalela iKumkani ngokungihlambalaza,” kusho uMareke
IKumkani isole uMareke ngokwenza lo mkhuba wokuqola izimali zabantu nezakhiwo zikaHulumeni nosomabhizinisi ngokuthi uhlangene nabaholi be-ANC.
NgoLwesibili kufike iqulu labalandeli bakaKhongolose abebedlubhe izikibha zenhlangano bazama ukuphazamisa umhlangano weKumkani nomphakathi bememeza igama likaMareke.
UMareke unesigodlo eMandela Park esibizwa ngokuthi i-Tau Royal Palace.
I-Scrolla.Africa sibuye sathola ukuthi unenkampani yonogada i-Tau Brothers and Cleaning Services kodwa asule kuyo njengoMqondisi ngo-2021 wafaka u-Esona Sifukungana owazalwa ngo-1996.
Nokho akucaci noma yiyo yini esebenza ukuqapha emphakathini.
UNobhala kaKhongolose e-Eastern Cape uMnuz Lulama Ngcukaitobi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bakhathazekile ngabantu abayizigebengu abazihlanganisa ne-ANC.
“Sikushayela ihlombe ukungenelela kweKumkani futhi nathi sizoqala uphenyo ngalabo abangamalungu ethu abathintekayo kulobu bugebengu. Lo mkhuba uyasikhathaza ngoba abantu abawenzayo koMthatha, e-Mount Fere, e-Port St Johns nase-Batterworth bacasha ngemboni yamatekisi. Nokho siyabonga kuNgqongqoshe uSenzo Mchunu ngokujuba amaphoyisa ukuba azokhuculula lobu bugebengu. Empeleni singumbutho asikwazi ukuphila nezigebengu,” kusho uNgcukaitobi.
NgoLwesithathu izingane zezikole ezine ebezivaliwe ziphelezelwe inqwaba yamaphoyisa ukubuyela ezikoleni.

Esikoleni iLaphuma Ikhwezi abafundi bafike beqashwa ngelokhozi ngemuva kokuba kwafika abalisa bashaya iphini likathishomkhulu befuna imali ye-Protection Fee ekhokhwa inkampani ye-Network yamaselula ngokugxumeka isigxobo sayo ngaphakathi esikoleni.