INkosazane yase-Norway uMartha Louise iyeke imisebenzi yayo yasebukhosini kuleli sonto ukuze ilandele inhliziyo yayo ishade nomelaphi wendabuko waseMelika.
INkosazane (51) ekholelwa kakhulu kwezinye izindlela zokwelapha, ithembisane umshado noDurek Verrett ngoNhlangulana.
UNkosazane Martha oyindodakazi yeSilo uHarald noNdlunkulu uSonja base-Norway, uthe lesi sinqumo besisekwa abangani kodwa asiwunyakazisanga umndeni wasebukhosini.
Esitatimendeni sabezindaba, umndeni wasebukhosini uthe kube “nezinguquko ezithile,” okubandakanya ukuthi uMartha Louise ashiye izindima zakhe ezisemthethweni.
“INkosazane iyasishiya isikhundla sokuba ngumvikeli wasebukhosini futhi ngeke imele indlu yasebukhosini njengamanje,” kusho isitatimende.
“Kusukela manje ukuya phambili iNkosazane kanye noMnu Verrett bafuna ukuhlukanisa ngokucacile phakathi kwemisebenzi yabo neyasebukhosini base-Norway.”
UMartha Louise uzosigcina isihloko sakhe sokuba iNkosazane, “kodwa lezi zithandani ngeke zikhombise ubudlelwano babo nobukhosi base-Norway ezinkundleni zabo zokuxhumana.”
UNdlunkulu uSonja uthe uVerrett uyindoda esezingeni eliphezulu nokuthi isinqumo sendodakazi yakhe sokuhoxa esikhundleni sihambisana nokufunwa yiwo wonke umuntu.
“Noma singaboni ngaso linye ezintweni kodwa siyazwana,” kusho uSonja.
Kwividiyo eku-akhawunti yakhe yaku-Instagram ngemuva nje kokuthembisana umshado, iNkosazane ithe: “Njalo uma umuntu womndeni wasebukhosini ethembisana umshado nomunye umuntu kudala igidigudi kwabezindaba, njengoba namanje kwenzeka okufanayo.”
I-New York Times ibika ukuthi selokhu lezi zithandani zithembisene umshado, uVerrett – umelaphi wendabuko owaziwayo – uthole ukugxekwa kwabezindaba zase-Norway kanye nomphakathi ngokuthi usebenzise intelezi yenhlanhla ukulwa negciwane le-Corona.
UVerrett useke wathi umuntu uyazikhethela ukuphathwa umdlavuza.
INkosazane Martha Louise ingeyesine emugqeni wesihlalo sobukhosi wase-Norway.
Luhlanganiswe nguKamogelo Olaitan
Esithombeni esingenhla: UNkosazane Martha Louise kanye nesinqandamathe sakhe uDurek Verrett
Umthombo wesithombe: The Guardian