Celani Sikhakhane
Kubukeka sengathi inkinga endlini yobukhosi bakwaZulu isekude ukuphela. Izihlobo zegazi zeSilo esisha uMisuzulu kaZwelithini zizama ukumgudluza engakangeni nasesihlalweni.
Kuthiwa udadewabo omncane, iNkosazana uBukhosibemvelo Zulu Nyawo, kanye nomalume wakhe, uMntwana uMbonisi Zulu, babhale incwadi becela ukuba inkosi yehle esikhundleni.
Imithombo ethembekile evela emndenini waseNdlunkulu iveze ukuthi njengamanje ubudlelwane abukho ngokwanele nokuthi amalungu aphezulu kudingeke ukuthi azame ukungenelela futhi ahlanganise uMisuzulu nodadewabo.
“INkosazana uBukhosibemvelo ikubeke kwacaca ukuthi umuntu okufanele abekwe esihlalweni sobukhosi nguMntwana uSimingaye, umfowabo omncane weNkosi uMisuzulu,” kusho omunye umthombo.
“Ugogo wabo, iNdlovukazi uMavis, nomamncane wabo, iNkosazana uNondumiso, bazamile ukubiza umhlangano ukuze kukhulunywe nazo zonke lezi zelamani kodwa kubukeka sengathi asikho isisombululo.”
Okhulumela umndeni waseNdlunkulu uMntwana uThulani Zulu ukuqinisekisile ukuthi incwadi eyayiqondene nokwehlisa iNkosi uMisuzulu esihlalweni sobukhosi yathunyelwa kuyena.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi ikhona incwadi eyathunyelwa iSilo,” esho.
Omunye umthombo uveze ukuthi impi yokulwa nokubekwa kweNkosi uMisuzulu esihlalweni sobukhosi nodadewabo omncane iNkosazana uBukhosibemvelo iqale ngesikhathi umama wabo, iNdlovukazi ebiyibamba uShiyiwe Mantfombi MaDlamini Zulu, esadla anhlamvana.
“INkosazana uBukhosibemvelo itshele umama wayo ukuthi angalokothi aqoke uMisuzulu. Wayefuna ukuthi uMntwana uSimon Simingaye, ongumlimi, abe yinkosi,” kusho umthombo wesibili.
Umtwana uSimingaye okukhulunywa ngaye wazalwa ngowe-1991 futhi njengoMisuzulu naye wazalwa yiNdlovukazi uMantfombi kanye neNkosi uZwelithini KaBhekuzulu osekhotheme.
I-Scrolla.Africa saziswe ukuthi amavukelambuso aseNdlunkulu anqume ukuthi iNdlovukazi uSibongile MaDlamini kaKhethomthandayo kumele aqokwe ukuba abe yibamba kuze kuphothulwe inqubo yokuqokwa kweNkosi entsha.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMntwana uMbonisi neNkosazana uBukhosibemvelo ayiphumelelanga.