INkosazana kaZulu ivimbele uMangosuthu Buthelezi ukuthi aye emcimbini wokugeza kondlunkulu

Celani Sikhakhane

UMntwana uMangosuthu Buthelezi akazange aye emcimbini wokugeza obusesigodlweni saKwaKhethomthandayo ngesonto eledlule ngoba wakhishwa inyumbuzane yiNkosazana uNombuso, kusho umthombo osondelene neNkosazana.

Indodakazi endala yeSilo esingasekho uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ivimbele uMntwana uButhelezi ukuba eze kulo mcimbi, owenzeke ngesonto eledlule ukubonakalisa uphawu lokuphela kwesikhathi sokuzila ukukhothama kweNkosi uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.

Umthombo osondelene neNkosazana uNombuso utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uyalele uMntwana uButhelezi ukuthi angalinge alibhade emcimbini wokugeza ngoba ngeke amukelwe.

“Wenze kwacaca kuButhelezi ukuthi akumele aye kulo mcimbi ngoba lo umcimbi wasebukhosini ongahlangene nomndeni wakwaButhelezi,” kusho umthombo.

“Waze wamtshela nokuthi sekuyisikhathi esifanele sokuthi anake kakhulu izindaba ezithinta umndeni wakhe nesigodi sakhe,” kuqhuba umthombo.

Kodwa-ke ngesikhathi kuthintwa iNkosazana uNombuso, uthe bamemile uButhelezi ukuba eze emcimbini wokugeza kodwa yena wakhetha ukungabambi iqhaza.

“Simmemile ukuthi abambe iqhaza ngoba sifuna ukuxoxa naye ngezinto ezithile njengaMazinyane eSilo. Kunezinto ezibucayi okudingeka ukuthi sixoxe ngazo naye kodwa wanquma ukungafiki,” kusho iNkosazana Nombuso.

Umthombo uphinde waveza ukuthi noMkhulumeli woMndeni waseNdlunkulu, uMntwana uThulani Zulu, naye ubengamukelwe esigodlweni, yingakho engazange ahambele umcimbi wokugeza.

UMntwana uThulani ukuqinisekisile ukuthi akazange aye kulo mcimbi ngoba ubenomcimbi wakhe abewenzela ekhaya lakhe e-Vryheid.

“Njengoba ngikhuluma nawe nje ngisekhefini lasemsebenzini. Nginomcimbi owenzeka lapha ekhaya lami, ngakho-ke ngimatasa nawo. Yingakho ngingakwazanga ukuya kwaKhethomthandayo emcimbini wokugeza,” kusho uMntwana uThulani.

NgoLwesihlanu, uMntwana uButhelezi ukhale ngokuziphatha kweNkosazana uNombuso namanye amalungu omndeni wasebukhosini abathathe isinqumo sokuqhubeka nomcimbi wokugeza ngaphandle kokwazisa noma nokuhlanganyela neNkosi uMisuzulu kaZwelithini.

UMntwana kaPhindangene uButhelezi akazange asiphendule isicelo se-Scrolla.Africa sokuphawula ngesikhathi sokushicilelwa.

Izihloko zakamuva