INkosana yakwaZulu icashile

Celani Sikhakhanel/span>

Indodana endala yeNdlovukazi uMantfombi MaDlamini Zulu ongasekho ibhacile.

Ngokusho kwemithombo yomndeni wasebukhosini, uMntwana uMisuzulu okucatshangwa ukuthi uzolandela esihlalweni sobukhosi bakwaZulu, unomalume wakhe iNkosi uMswati III eSwatini futhi ngeke abe yingxenye yomngcwabo.

Ukungabibikho kwakhe kubonwe izolo ngesikhathi izingane zakubo ziseGoli ukuyothatha umzimba sikanina siye KwaNongoma.

“Ngokwesiko lamaZulu, iSilo asihambi imingcwabo, ngisho nasemndenini waso uqobo. IZinyane leNkosi, njengolandelayo ozohlala esihlalweni sobukhosi, ngeke libambe iqhaza kunoma yimiphi imisebenzi ephathelene nemingcwabo,” kusho ilungu lomndeni.

Uthe uMntwana uMisuzulu wayengekho emngcwabeni kababa wakhe iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.

Elinye lamalungu aphezulu asebukhosini lizwakale likhononda ngokungabibikho kwezinyane uMisuzulu izolo ebusuku ngesikhathi kufika amathambo eNdlovukazi.

“Umndeni ungakuvumela kanjani lokhu ukuthi kwenzeke. Lona ngumama wakhe. Bekufanele abe lapha,” kusho lo mlisa obizwa ngokuthi nje unguMntwana woSuthu.

Uthe ngisho iSilo uZwelithini KaBhekuzulu sasihambele umngcwabo kababa waso, iNkosi uBhekuzulu Nyangayezizwe.

Ngesikhathi kuthintwa okhulumela umndeni wasebukhosini bakwaZulu, uMntwana uThulani Zulu uthe ubesemhlanganweni futhi akakwazi ukuphawula.

Ngenkathi iNdlovukazi ebiyibamba leNkosi ifika esigodlweni ngoLwesithathu, yamukelwa yizintombi zomdanso womhlanga, uMntwana uMangosuthu Buthelezi namanye amalungu asebukhosini.

Namuhla Amabutho amise uNongoma enyakatho ne-KZN esitobhini njengoba bebheke eSigodlweni KwaKhangelamankengana. 

Izihloko zakamuva