Arthur Greene
Njengoba kuqhubeka imigubho ye-Platinum Jubilee yeNdlovukazi u-Elizabeth, iqembu le-rock i-Kunts likhiphe ingoma yalo yomcimbi ethi- “Prince Andrew Is A Sweaty Nonce!”
Baziwa ngezingoma zabo zikaKhisimusi ezithi-“Boris Johnson Is A F ** king C**t”, kanye nethi-“Boris Johnson Is STILL A F**cking C**t”, iqembu lase-Essex manje selicula ngeNkosana u-Andrew oyintandokazi yeNdlovukazi.
U-Andrew uphoxekile wagxekwa emphakathini ngesikhathi esolwa nguVirginia Giuffre ngokumhlukumeza ngo-2001 ngesikhathi uVirginia esasemncane.
INkosana iyaziphika lezi zinsolo zokuhlangana noGiuffre, kodwa nyakenye yaxazulula icala ngokuvuma ukumkhokhela imali engu- $ 10 million.
Ngo-2019, u-Andrew wenza inhlolokhono edume kabi kumabonakude ngesikhathi ethi unesifo sokuthi akajuluki.
“The grand old Duke of York, he said he didn’t sweat. So why did he pay 12 million quid to a girl he’d never meet? Kucula umculi oholayo weqembu lomculo i-Kunt.
“Isikhathi kulo nyaka besizwakala sikahle, uma kubhekwa ukuziphatha kweNkosana u-Andrew okuyinqaba, okuyihlazo, nobugwala njengoba ezama ukubalekela noma yiluphi uhlobo lokuziphendulela ngezinsolo zokuhlukumeza uVirginia Giuffre ngokocansi, okulandelwa umzamo wokuziba yonke into – ngokuxazulula udaba enkantolo,” kusho okhulumela i-Kunt etshela i-NME.
“Ukugujwa kwe-Jubilee bekulokhu kuzwakala sengathi kungaba yithuba elihle lokuzwakalisa noma yiziphi izikhalo umuntu angaba nazo kwiNdlovukazi kanye nenzalo yayo,” kwengeza i-Kunt.
Ingoma ethi-“Prince Andrew Is A Sweaty Nonce” inyukele endaweni ka-12 eshadini lezingoma ezihamba phambili e-UK.
(I-nonce ngumuntu osolwa ngokunukubeza izingane).
Ezinsukwini ezandulela umgubho we-Jubilee, kubikwe kabanzi ukuthi u-Andrew uzohambela inkonzo e-St Paul’s Cathedral ngoLwesihlanu. Kodwa-ke, i-Buckingham Palace imemezele ngoLwesine ukuthi iNkosana ihlolwe yatholakala ine-Covid-19, ngakho-ke ngeke ibambe iqhaza.
INdlovukazi izwakale iphefumulela phezulu.
Umthombo wevidiyo: Youtube