Inkonzo yomkhuleko yalowo owayenguMengameli uJacob Zuma isizobanjelwa eThekwini

Lungani Zungu

Akusikhona kuphela ukuthi owayenguMengameli uJacob Zuma angeke abe khona emcimbini wakhe wokumamukela emzini wakhe, kodwa sekuvele nokuthi umcimbi angeke wenzelwe emzini wakhe. 

Umndeni kaZuma usucele ukuthi umkhuleko wokwamukela uJacob Zuma ukuba ubanjelwe eThekwini hhayi eNkandla, ngoba lokhu kuzobukeka ngathi lowo owayenguMengameli uphula umthetho kashwele ngokuba nomcimbi emzini wakhe. 

Lo mkhuleko uzokwenzeka ngoLwesine endaweni ebizwa nge-People’s Park enkundleni yaseMoses Mabhida eThekwini, kodwa abalandeli bakhe balindele ukuba umcimbi ubanjelwe emzini kaZuma. 

Umfowabo kaZuma, uKhaya Zuma uthe: “Sincamela ukuthi umkhuleko wenzelwe eThekwini hhayi eNkandla ngoba asifuni ukuphula umthetho kashwele umfowethu aphume ngawo.”

UZuma waboshwa mhla zi-7 kuNtulikazi wakhishwa ngoshwele ngesimo sempilo yakhe ngenyanga edlule ngemuva kokugwetshwa izinyanga ezi-15 ngokudelela imiyalelo yasenkantolo emibili. 

Umfowabo uKhaya uthe balunywe indlebe ngokuthi izitha zikaZuma zizosebenzisa lokhu kuhlangana kwethu emzini wakhe ukuze zikwazi ukumbuyisela ejele ngokuphula imithetho kashwele wakhe. 

Akazange acacise ukuthi iyiphi imthetho kashwele azobe eyiphula. 

“Siyazi ukuthi i-AfriForum kanye neqembu le-DA liqhamuke neqhinga elizovumelana nabo lokuthi uZuma akaguli uma sike sabamba lo mkhuleko emzini wakhe,” kusho uKhaya. 

Iqembu le-DA kanye ne-AfriForum bafakela inkantolo inselela ngokudedelwa kukaZuma. 

Isithenjwa sikaZuma, uMlungisi Mnguni oqhamuka eMpendle KwaZulu-Natali, uthe uphuke umoya ngokuthi lo mkhuleko uzobanjelwa eThekwini hhayi eNkandla. 

“Besihlelile namanye amaqabane ukuba siye eNkandla ukuze sithandazele uZuma. Manje sitshelwa ukuthi kumele siye eThekwini, lapho uZuma angeke abonakale ngisho nangokhalo. 

“Umthandazela kanjani umuntu ongekho lapho kuthandazwa khona. Angeke ngiye, kusho uMnguni. 

Omunye oweseka uZuma, uXolisani Bhengu oqhamuka eNkandla, uthe angeke alubangise eThekwini. 

“Sihlela umkhuleko wethu lapha eNkandla namanye amaqabane. Angeke silubhade eThekwini. Akuwakhi umqondo ukuthi kumele siye eThekwini ekubeni ikhaya likaZuma liseNkandla,” kusho uBhengu. 

Oweseka uZuma Umbhishobhi uVusi Dube uthe bebefisa ukwenza inkonzo kaZuma endaweni ephakathi nendawo ukuze abantu bakwazi ukufinyelela ngobuningi babo. Uthe akukho okushaya amanzi ngokwenzela umcimbi eThekwini. 

“Sifuna wonke umuntu akwazi ukufika, yingakho sisondeza lo mcimbi kubantu.”

Izihloko zakamuva