Inkombankombane ngezichuse zabaholi be-ANC eThekwini

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Amalungu oMkhandlu weTheku asole lowo owayeyiMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ngokugxambukela ezinhlelweni zokwakhiwa kwezithombe ezibaziwe ezimbili ezidle idolobha imali engu-R22 million.

Ekuqaleni kwakuvunyelwene ngokuthi isithombe esibaziwe ngasinye kumele sibe ngu-R6 million, kodwa uGumede kuthiwa uphushele ukuthi lo msebenzi unikwe uLungelo Gumede ongumbazi wendawo owaziwa ngemifanekiso yakhe yasendlini.

“Imali yokuqala ibingu-R6 million ngomfanekiso ngamunye ngo-2017. Njengoba bebabili kuphela ababaza izithombe e-KZN abadumile, idolobha belihlela ukuqoka uLungelo Gumede noma u-Andries Botha,” kusho ilungu lomkhandlu.

Ngesikhathi umkhandlu ushaya amakhala ngalolu daba, kwabizwa indodana ka-OR Tambo uDali Tambo ukuthi izokweluleka umkhandlu.

“Sibe sesithola ukuthi uBotha nguyena obezowenza kahle lo msebenzi kwazise nguyena owadweba oweSilo uDinuzulu, kodwa ukugxambukela kweMeya uZandile Gumede kwasiphoqa ukuthi siqoke uLungelo Gumede,” kusho umthombo.

Kamuva kwatholakala ukuthi umbazi owayethandwa uGumede wayengenalo uhlobo lwesakhiwo esidingekayo ukuze kwakhiwe imifanekiso eseqopheleni eliphezulu. Idolobha belingenayo enye indlela ngaphandle kokubuyela kuBotha, kodwa ubefuna u-R11 million ngomfanekiso ngamunye.

Le mifanekiso igcine idle abakhokhi bentela baseThekwini u-R22 million. Le mifanekiso ifike ngenyanga edlue kantisekuphele iminyaka emihlanu ithengiwe. Le mifanekiso ebaziwe kwakumele ilungele umhlangano we-ANC owaba ngoMasingana e-Moses Mabhida ngo-2019.

UMasipala weTheku kugcine kudingeke ukuba ufune umbazi wase-China osungule le mifanekiso ngemuva kokushaya indiva iseluleko sikaTambo.

Umbiko womkhandlu obonwe ngabakwa-Scrolla.Africa ukhombisa ukuthi enye imali kudingeke ukuthi ithathwe eMnyangweni wezamanzi kanye nezokucima umlilo ukuze kukhokhelwe lezi zithombe ezibaziwe. 

Kodwa okhulumela iTheku, uLindiwe Khuzwayo uthe izinsolo zokuthi idolobha liphambukise imali okwakuhloswe ngayo ukuthi isikhungo samanzi sasoThongathi sikhokhele lezi zichuse zingamanga futhi zinonya.

Uthe uMnyango ngamunye kaMasipala wabelwe uxhaso ekuqaleni konyaka wezimali kanti uphiko lwezamapaki, ezokungcebeleka namaSiko lusebenzise izimali ezibekwe eqhulwini kwisabelomali salo msebenzi.

OwayeyiMeya uGumede ukuchithile ukuthi uyathinteka. “Cha, izinqubo zokuthengwa kwempahla azihlangene nanoma yimuphi usopolitiki.”

Isithombe esingenhla: Indodana ka-OR Tambo, uDali eyeluleke iTheku ngombazi ovelele ukuba enze isithombe esibaziwe sikayise kodwa washaywa indiva.

Umthombo wesithombe: I-SABC

Izihloko zakamuva