Inkombane phakathi kweMeya yaseNquthu noNdunankulu ngentuthuko yaseSandlwana

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Seluphenduke inkombankombane udaba lokuthuthukiswa kwentaba yaseSandlwana njengoba uNdunankulu waKwaZulu-Natal ethi umasipala waseNquthu owadla imali.

Lokhu kulandela ukuthi sekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi owayenguNdunankulu waKwaZulu-Natal uDkt Zweli Mkhize amemezela ukuthi intaba Isandlwana izophendulwa i-Disney land.

Lapha wayebikela iSilo esakhothama uZwelithi kaBhekuzulu ukuthi kuzokwakhiwa ama-B&B nezigcinamagugu nokunye njengengxenye yentuthuko.

UNkk Nomusa MaDube Ncube utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umasipala waseNquthu wadla imali okwakufanele kwenziwe ngayo le ntuthuko ngemuva kokuthi kungene ubuholi obusha.

“Inkinga yaqala ngesikhathi kungena ubuholi obusha okuyibo obadla imali. Yingakho namanje le-Disney Land esasiyihlelile singuhulumeni singenayo. Kodwa-ke, kunohlelo lukaSanral oluzoqala maduze lokufaka itiyela kulo mgwaqo waseSandlwana ukuze le ndawo iqhubeke nokuheha izivakashi,” kusho uMaDube Ncube.

Le nkulumo ithukuthelise iMeya waseNquthu uMnuz Lindokuhle Shabalala ovele wadinwa wathelwa ngezibonkolo.

Uthe amanga aluhlaza lawa ashiwo uMaDube Ncube.

“Ayikho lento ayishoyo. Ukhuluma iphutha ngoba uyalazi iqiniso lokuthi abakaze bafake ngisho indibilishi lapha. Ngikhuluma nje bahlulwe ngisho ukulungisa umgwaqo owubhuqu wakhona lapha eSandlwana ngoba bethi abanamali. Laba bantu abazimidele ngokuthuthukisa Isandlwana ekubeni siqukethe umlando womhlaba,” kusho uShabalala. 

Uthe bayafisa uNdunankulu akhulume iqiniso ngalolu hlelo ukuze abantu bazi ukuthi isifundazwe sihlulekile ukufeza isethembiso esasenza kuSilo esakhothama uZwelithini.

Izihloko zakamuva