Everson Luhanga
Inxenye yesibili kwezimbili
Ugogo ukhombe indlu yangasese yomgodi enukayo ngaphesheya komgwaqo wendlu yakhe, okungenye yezinto eziningi ezisetshenziswa umphakathi.
“Sisasebenzisa izindlu zangasese zomgodi ngisho nangemuva kokuba izigidi zabelwe iphrojekthi yokuthuthwa kwendle,” kusho ugogo ongumholi wendabuko endaweni yakhe futhi ohlala nezingane zakhe nabazukulu.
I-Scrolla.Africa simvakashele ekhaya lakhe esigodini sase-Mokuruanyane ngaphandle kwase-Lephalale.
Uthe bekuzozwakala uma kuwukuthi uhulumeni akanayo imali, kodwa kunemibiko yokuthi imali eyabelwe ukulethwa kwezidingo isetshenziswe ngendlela engafanele.
Uthe ngaphandle kwamaphrojekthi angaqediwe kumasipala wonke, iMeya iqasha noma ngubani emfunayo eminyangweni kamasipala.
Uthe ezinye izingqalasizinda ezilahliwe zingadala amathuba emisebenzi entsheni ehluphekela ukuthola imisebenzi.
“Kodwa abantu abaqashiwe yilabo abasondelene naye [iMeya],” esho.
UMonica Sijaphala uthe ngesikhathi kwethulwa la maphrojekthi ezigodini zabo, babejabule ukuthi bazohlomula ngokuthola imisebenzi.
“Asizuzanga lutho. Kulabo ababecabanga ukuthi banenhlanhla futhi bathole imisebenzi, abakaze bakhokhelwe,” esho.
UMonica, ongumama uthe amanye amaphrojekthi alahliwe njengamathangi amanzi ayingozi ezinganeni ezigibela kuwo.
Izinkontileka namaphrojekthi abhalwe ngezansi ngemanye amaphrojekthi angaqediwe, kodwa akhokhelwe ngokuphelele.
● I-Maburail JV Amawakawaka Project. Iqokwe ngonyaka wezimali wezi-2016/2017 ngemali eyizigidi eziyi-R4.5 nezigidi ezingama-R35.8.
● I-Moswobi Building Construction & Property Developers iqokelwe iphrojekthi yezigidi eziyi-R11.3. Namanje iphrojekthi ayiqediwe. Usonkontileka wehlulekile ukuxhuma ugesi epayipini.
● Ithenda yenombolo 07 / 2015-2016 yokwakha igumbi eliqinile esakhiweni sase-Mokgotho. Inani elisetshenzisiwe: izigidi eziyi-R3.5. Iphrojekthi ayiqediwe.
● Ukwakhiwa kwesiteshi sokulahla indle i-Zongesien e-Marapong. Imali esetshenzisiwe ibe izigidi eziyi-R7.8.
● Ukwakhiwa kwe-Mokuruanyane Shongoane. Imali esetshenzisiwe ibe izigidi eziyi-R13.8. Usonkontileka wawushiya lo msebenzi.