Inkinga yeChiefs ayikho kubagadli: Inkakha

Lubhalwe nguMichael Madyira

Isihlabani seKaizer Chiefs uJoseph “Banks” Setlhodi wenqabile ukusola abadlali baka-Arthur Zwane abadlala phambili ngokungenzi kahle kweqembu kule sizini.

IChiefs ibilokhu ithwele kanzima njengoba ishaye amagoli angu-23 kuphela emidlalweni engu-21 ye-Premier Soccer League. Lokhu kube ukungenzi kahle okukhulu kwaleli qembu lase-Soweto.

Selokhu uSamir Nurkovic ashaya amagoli angu-13 ngesizini ka-2019/20, bonke abagadli beChiefs bahlulekile ukuphinda lesi sibalo kabili.

Kodwa uSetlhodi owayengunozinti weChiefs iminyaka engu-15 uthe inkinga ayilele kubagadli kuphela.

“Inkinga iqembu lonke,” kusho uSetlhodi etshela i-Scrolla.Africa. “Iqembu likhahlela ibhola nje kuphela alidlali ibhola elihle. Khumbula ukuthi abagadli bathembele kwabanye abadlali ukuthi badlulisele ibhola kubo noma bakhahlele ama-cross.

“Umsebenzi wabo ukwakha kodwa  abawatholi amathuba ukuze bashaye igoli. Ngakho ngibona kungalungile ukusola abagadli ngokungashayi amagoli.

“Ibhola liwumdlalo weqembu lapho okudingeka ukuthi abadlali babambisane khona futhi abadlali bayadingana kusukela emuva kuya phambili.

“Kodwa lena akuyona inkinga eyingqayizivele. Bheka i-Liverpool nayo ibhekene nenkinga efanayo yabadlali abadlala phambili njengoba kwenzeka nakwi-Chiefs.”

Umshayi magoli weChiefs ohamba phambili kule sizini uBonfils-Caleb Bimenyimana oseshaye amagoli ayisikhombisa kubalwa namaphenathi amane kwiligi.

U-Ashley du Preez ubelokhu ezabalaza ukushaya igoli kanti uChristian Saile Basomboli osayiniswe ngoMasingana useshaye igoli elilodwa kuphela kwi-Nedbank Cup njengoba engadlalanga emidlalweni emine yeligi.

Ngaphambi kokuthi akhishwe isizini yonke, uKhama Billiat ubezabalaza phambili futhi ubengakaze ashaye igoli emidlalweni engu-11 kuyo yonke imiqhudelwano.

USetlhodi ubona sengathi iChiefs idinga abadlali abasezingeni eliphezulu ukuxazulula izinkinga zayo.

“Ukuya phambili badinga nje ukuba nabadlali abasezingeni eliphezulu phakathi enkundleni nasebhentshini,” kusho uSetlhodi.

“Banikeni lelo themba lokubamba ibhola bese beyadlala. Kudingeka ukuzethemba nje futhi konke kuzobuyela esimweni. Uzobona iChiefs isishaya amagoli amaningi.”

Esithombeni esingenhla: Umgadli weChiefs uChristian Saile Basomboli

Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs

Izihloko zakamuva