INkantolo yoMthethosisekelo iphinde yavuna i-ANC

Lungani Zungu

INkantolo yoMthethosisekelo isichithile isicelo se-DA sokumisa iKhomishini Yokhetho Ezimele (i-IEC) ekubhaliseni kabusha abazomela amaqembu ezepolitiki, yaphinde yavuna iqembu elibusayo.

Iqembu eliphikisayo elisemthethweni liye enkantolo ngemuva kokuthi i-IEC ivule kabusha ukulethwa kwalabo abazongenela ukhetho, kulandela ukuhluleka kwe-ANC ukuletha uhlu lwayo oluphelele lwabazongenela ukhetho ngaphambi komnqamulajuqu.

Amaqembu amaningi, okubalwa kuwo i-DA ne-EFF, asola i-ANC ebusayo ngokuba nomthelela ku-IEC ekuthatheni lesi sinqumo.

I-DA ifake isicelo enkantolo enkulu, iphonsela inselelo i-IEC ngesinqumo sayo sangomhla ziyisithupha kuMandulo sokuvula kabusha ukuphakanyiswa kwalabo abazongenela ukhetho.

UMkhuleko Hlengwa we-IFP uthe i-IEC ihlehlele emuva ukuze ivune i-ANC.

“Imithetho iyimithetho. Asikwazi ukuvumela i-ANC, ngenxa yokuthi iyiqembu elibusayo, yenzelwe umusa ngale ndlela,” kusho uHlengwa.

Umholi we-DA, uJohh Steenhuisen uvumile.

“I-ANC ayikwazi ukunikezwa elinye ithuba, kodwa kuyiyona ehlulekile ukuletha uhlu lwabazongenela ukhetho,” esho.

Umholi we-EFF uJulius Malema uthe lokhu ngeke kuvunyelwe ukuthi kwenzeke ezweni lentando yeningi.

“Abantu baseNingizimu Afrika bazohlupheka ngenxa yokuhluleka kwe-ANC ukubhalisa abazongenela ukhetho ngesikhathi,” esho.

“Kodwa lokhu akuyona into engajwayelekile. I-ANC yehlulekile ukuphatha izwe iminyaka engama-27. Kungani kufanele silindele ukuthi babe yinhlangano esebenza kahle”.

IPhini likanobhala-jikelele we-ANC uJessie Duarte usamukele lesi sinqumo.

“Kusobala ukuthi lokhu kukhulula i-ANC. Umsebenzi wethu manje wukuqinisekisa ukuthi siyaqhubeka nomkhankaso wethu wokhetho”.

Khonamanjalo, amalungu e-ANC avimbele uMalema ukuba akhankase KwaDambuza eKZN, nokuholele ekutheni kube nokuhilizisana okwenzeke ngeSonto.

Izihloko zakamuva