Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
INkantolo eNkulu yeseka ilungelo leNdlovukazi uManyaku lokubusa njengebamba yaba-Pedi naphezu kokuphikisa komkhandlu wasebukhosini.
UNdlovukazi uthembise ukuhlanganisa isizwe sama-Pedi ngesikhathi esebenza nezinye izindlu zasebukhosini njengombuso wakwaZulu.
Manje sekusezandleni zeNkantolo Ephakeme Yokudluliswa Kwamacala ukunquma ukuthi ubani umholi osemthethweni wesizwe saba-Pedi e-Limpopo.
Lokhu kulandela isinqumo seNkantolo eNkulu e-Polokwane sokuthi iNdlovukazi uManyaku Thulare aqhubeke nokuba yibamba yaba-Pedi ngesikhathi inkantolo ephakeme ibuyekeza udaba lwakhe.
INdlovukazi yathatha isihlalo sobukhosi ngemuva kokushona kwendodana yakhe, iNkosi uThulare Victor Thulare III, eminyakeni emithathu edlule. Nokho amanye amalungu esigungu sasebukhosini akuphikisile ukuqokwa kwakhe.
Manje iNkantolo eNkulu yase-Limpopo iyalele uhulumeni ukuthi abuyisele zonke izinzuzo eziza nokuba umholi waba-Pedi.
INkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala izolalela lolu daba ngoNdasa wonyaka ozayo. Ihhovisi likaNdunankulu nezinye izinhlangothi ezishiwo kuleli cala azikaphawuli.
Okhulumela iNdlovukazi, uMakgwane Ratau, usamukele lesi sinqumo.
“Umyalelo wenkantolo uyaqinisekisa ukuthi izinqumo ezathathwa zokuqoka iNdlovukazi uManyakabatho Thulare Lehane II bezilungile ngempela,” kusho uRatau.
“Ngakho-ke okwethu ukwamukela kanye nokuqinisekisa ukuthi njengesizwe, siyabumbana ebuholini bakhe. Kuyisifiso sethu ukuthi isizwe sonke sisekele ubuholi beNdlovukazi ubumbano lwesizwe sama-Pedi lubaluleke kakhulu.”
UNdlovukazi uManyaku ube yibamba lendlovukazi ngo-2021. Kulo nyaka ukhulume emcimbini woMkhosi woMhlanga, lapho ethembise khona ukusebenzisana kakhulu neSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Ukudlondlobala kwakhe kwaqondana noNdlunkulu uMantfombi kaSobhuza eseyiSilo sakwaZulu ngemuva kokushona kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu.
Esithombeni esingenhla: Inkantolo enkulu yase-Limpompo ivune uNdlovukazi wabaPedi
Umthombo: X