Inkantolo yenze isibonelo ngomdlali ocwasa ngokobuhlanga

Dylan Bettencourt

Umlandeli webhola lase-England u-Jonathan Best ugwetshwe amasonto angamashumi ebhadla ejele ngokuhlukumeza ngokobuhlanga uMarcus Rashford, uJadon Sancho kanye noBukayo Saka kulandela ukuhlulwa kowamanqamu kwi-Euro 2020 ngenkathi i-England idlala ne-Italy.

UJonathon Best uthumele isiqeshana sika-Facebook semizuzwana eyi-18 ehlukumeza abadlali abathathu base-England ebacwasa okuyinto ezomenza avalelwe ejele.

Umsolwa oneminyaka engama-52 ubudala ugwetshwe enkantolo yemantshi yase-Willesden e-London. Uzodonsa amasonto amahlanu ejele kanti amasonto amahlanu asele esigwebo sakhe eselayisensi.

UBest ucishe wakhishwa ngesigwebo sokuthi kuhlehliswe icala, kodwa ijaji lanquma ukukhipha isigwebo sokuhlala ejele njengesexwayiso kwabanye abenza ukuhlukumeza okufanayo.

“Amagama owasebenzisile ayemabi kakhulu, ehlambalaza, futhi ayacasula. Athinta isimo somphakathi wethu ophucuzekile futhi adala ukonakala,” kusho ijaji ngesikhathi likhipha isigwebo.

UBest, ongumshayeli we-forklift ozinze e-London, ubikwe emaphoyiseni naku-Facebook nguzakwabo wasemsebenzini ngemuva kokuthi enqabile ukususa lokho akufake kwikhasi lakhe.

Umshushisi u-Elaine Cousins uthe ngenkathi umngani wakhe ku-Facebook ecela uBest ukuthi asuse ividiyo ayifakile equkethe okucasulayo, uBest wenqaba.

“Iphrofayili yami. Ngingenza engikufunayo,’’ kusho uBest.

Kulandela umzamo ongaphumelelanga we-England wokuwina indebe yokuqala enkulu kusukela ngendebe yomhlaba yangonyaka wezi-1966, amaphoyisa ase-Britain abophe abantu abayi-11 ngokuhlukumeza abadlali ngokwebala ezinkundleni zokuxhumana ezahlukene.

Izinkundla zokuxhumana zigxekwa ngokungalusukumeli udaba lokuhlukumeza ngokobuhlanga olufakwe ezinkundleni eminyakeni yakamuva ngabalandeli ngisho nabaholi bomhlaba bebanxusa ukuthi benze kangcono ekuhlonzeni nasekususeni izikhala ezicwasa ngokwebala.

Ngaphandle kwezinkinga zokuhlukunyezwa ngokobuhlanga, umdlalo wamanqamu we-Euro 2020 obungomhla ziyi-11 kuNtulikazi nawo wonakaliswe udlame kanye nesiphithiphithi njengoba abalandeli ababengenawo amathikithi bangena ngeNdlovu yangena enkundleni baxabana neziphathimandla zendawo.

Umthombo wesithombe: @Goal

Izihloko zakamuva