Everson Luhanga
Inkantolo enkulu yase-Malawi ebizwa nge-commercial capital Blantyre isigwebe owesilisa ocebile, uDr Thomson Mpinganjira, iminyaka eyisishiyagalolunye ebhadla ejele futhi esebenza kanzima.
Lo somabhizinisi ovelele, inkantolo imthole enecala lokuzama ukufumbathisa amajaji enkantolo enkulu ayengamele icala elibalulekile lokhetho lukahulumeni ngonyaka wezi-2019.
Ngaleso sizathu, uMengameli osesikhundleni uLazarus Chakwera kanye nephini likaMengameli uSaulos Klaus Chilima bafakela inselela udaba lwemiphumela yokuvota njengoba kwanqoba owayenguMengameli uPeter Mutharika.
Imiphumela yaphikiswa kakhulu, emgwaqeni yase-Malawi kanye nasezinkantolo.
UChakwera kanye noChilima babefuna ukuthi ukhetho lubhekwe njengento engekho futhi enganamsebenzi, bephikisana ngokuthi belunezinkomba zokungahambi kahle lugcwele inkohliso.
Mhla zi-3 kuNhlolanja ngonyaka owalandela, inkantolo yase-Malawi yomthethosisekelo yaguqula imphumela yokhetho kwaphinde kwavotelwa kabusha isikhundla sikaMengameli, okuyilapho uChakwera ewine khona ngoNhlangulana kulo nyaka.
UMpinganjira wayefuna ukufumbathisa amajaji ayephethe ngaleso sikhathi imali eyizigidi ezi-100 zamarandi, imali ecishe ihlanganise izigidi ezi-2 zamarandi, okwakuzoba eyesivumelwano sokuvuma uMatharika njengoMengameli.
Ngesikhathi inkantolo imthola enecala ngenyanga edlule, ijaji lenkantolo ephakeme uDorothy DeGabrielle uthule isigwebo sikaMpinganjira ngoLwesibili.
Ekwahlulelweni kwakhe, ijaji uDeGabrielle litshele inkantolo ukuthi uMpinganjira kumele ajeze ngokubukela phansi ingalo yomthetho.
“Ubephendula kumacala ayisithupha abhekene nawo ngaphansi komthetho we-Corrupt Practices njengoba azama ukuncenga amajaji enkantolo ephakeme uMike Tembo kanye noHealy Potani ukuthi benze okungalungile ngokubathembisa imali eyizigidi ezi-100 zamarandi,” kusho ijaji.
Ngesikhathi kuqulwa icala lakhe, uMpinganjira uwaphike wonke amacala abekwe wona, kanti iqembu lakhe labammeli lilindeleke ukuba lifake isicelo ngokugwetshwa kwakhe.
Iqulu labantu abaseka uMpinganjira, ikakhulukazi abesifazane begqoke i-Zitenje, bahlangane ngaphandle kwenkantolo becula, bedansa abanye bephethe amabhodi beseka uMpinganjira osegwetshiwe.
UMpinganjira ungusomabhizinisi onemali engenayo eyizigidigidi ezi-3,3 zamarandi, kanti lokhu kumenza kube nguye ocebile ezweni lakhe- elandelwa umprofethi odumile uShepherd Bushiri.