INkantolo iyalele idolobha laseGoli ukuthi lisheshise uhlelo lokubhalisa abadayisi abasuswe emgwaqeni

Lubhalwe nguPalesa Matlala

Inkantolo itshele iDolobha laseGoli ukuthi liqedele ukuqinisekisa kanye nokubhalisa kabusha abadayisi basemgwaqeni ngomhlaka-18 kuLwezi ngemuva kokususwa kwabo okuholele kumbhikisho.

Abadayisi bathi balahlekelwe imali kanye nesiko ngemuva kokuxoshwa, kuyilapho idolobha ligcizelela ukuthi bonke abadayisi kumele basebenze ngokusemthethweni futhi babhaliswe ngokufanele.

Inqwaba yabadayisi bahlangane ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng ngoMsombuluko, beqhubeka nombhikisho wabo wokuphikisa idolobha laseGoli.

I-Socio-Economic Rights Institute ifake idolobha enkantolo ngemuva kokuba abadayisi abangaphezu kuka-800 besusiwe ku-De Villiers Street njengengxenye yomkhankaso wokuhlanza.

Ukulalelwa kwecala ngesonto eledlule kugcine kunesiphithiphithi ngesikhathi izingxoxo phakathi kwedolobha nabadayisi zingaphumeleli, okuholele ekutheni kube nokushayisana ngaphandle kwenkantolo.

IJaji uBrad Wanless linqume ukuthi iDolobha laseGoli kufanele liqinisekise ngokushesha nangokusobala, libhalise futhi labe izindawo zokuhweba ngokuhambisana nemithetho kamasipala.

Inqubo kumele iqale ngomhlaka-4 kuLwezi futhi iphothulwe ngomhlaka-18 kuLwezi ka-2025.

Kodwa-ke lo myalelo awubandakanyi abokufika, okucasule abalandeli be-Economic Freedom Fighters nabadayisi bokufika abangenele lo mbhikisho.

Umhwebi uMalerata Chwake, (67) uthe useneminyaka engu-25 edayisa izingubo ezingamasekeni ngemuva kokuthatha indawo kanina. “Ngesikhathi besisusa, ngangazi ukuthi ngilahlekelwe yimali eningi ngaphambi kukaKhisimusi,” kusho yena.

UChwake uthe imali yokubhalisa izokwengeza emzabalazweni wabo futhi iqede usiko lendawo lokuhweba ngamasekeni.

Ugogo obebukele lo mbhikisho uthe akasakwazi ukuthengela abazukulu bakhe izimpahla ezintsha futhi usethembele kubadayisi ngesikhathi samaholidi.

Ibamba leMeya yaseGoli u-Eunice Mgcina lisamukele lesi sinqumo, lathi liyalweseka uhlelo lwedolobha lokuqinisekisa ukuthi bonke abadayisi basebenza ngokusemthethweni futhi banezincwadi ezifanele.

Esithombeni esingenhla: Abadayisi abasafufusa babhikisha ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng ngemuva kokususwa kwabo kuDe Villiers Street.

Umthombo wesithombe: Palesa Matlala

Izihloko zakamuva