Inkantolo ivune uRuto njengo nqobe ukhetho

Kamogelo Olaitan

INkantolo eNkulu yase-Kenya ikuqinisekisile ukuthi uWilliam Ruto nguyena owinile okhethweni lobuMengameli lwangenyanga edlule ibe isichitha izinsolo zokuthi kubenenkohlakalo ngesikhathi kuvotwa .

URuto uwine ngengcecemezela okhethweni lwase-Kenya obelumhla ziyisishiyagalolunye kuNcwaba ngo-50.5% ehlula imbangi yakhe uRaila Odinga othole u-48.8%.

NgoMsombuluko, uMphathi wamaJaji uMartha Koome ufunde isinqumo lapho amalungu amathathu enkantolo ayisikhombisa echithe khona isicelo. Bekuyisinqumo sazwi linye.

U-Odinga nabanye bafake isicelo sokuthi kube nokukhwabaniswa kwamavoti ngesikhathi sokhetho ukuze uRuto awine.

“Abukho ubufakazi obubambekayo bokuthi i-electronic voting transmission system iye yaphazanyiswa umuntu,” kusho iJaji uKoome.

UKoome uphinde wathi uMnu Ruto ufinyelele umkhawulweni womthethosisekelo wokuthola amavoti angu-50%+1.

Isinqumo senkantolo singujuqu futhi icala alikwazi ukudluliswa.

Kulolu hlu lwezikhalazo, abammeli baka-Odinga bathi amafomu esimemezelo alayishwe ezikhungweni zokuvota ezingu-41 ashintshwa ukuze kwenyuswe isibalo sabavotele uRuto ngaphambi kokuthi ashicilelwe ngokusemthethweni kwi-inthanethi yikhomishini yokhetho.

Ngokushesha ngemuva kwesinqumo, esitatimendeni esibhalwe ekhasini lakhe laku-Twitter, u-Odinga uthe lesi sinqumo akusona isiphetho senhlangano yabo.

“Lokhu kuyasikhuthaza ukuthi siqinise imizamo yethu yokuguqula lelizwe libe yintando yeningi ephumelelayo lapho wonke umuntu wase-Kenya engaba yingxenye yalo ngokugcwele,” kusho u-Odinga esitatimendeni.

URuto uzofungiswa njengoMengameli wesihlanu waleliyazwe ngesonto elizayo.

Umthombo wesithombe: @DailyMaverick

Izihloko zakamuva