
Dylan Bettencourt
Inkantolo yase-Madrid isimemezele ukuthi owayengumgadli webhola wase-Cameroon uSamuel Eto’o unguyise wowesifazane wase-Spain eneminyaka engu-22 ubudala.
Lo mgadli owake wadlalela i-Barcelona, othathwa abaningi njengo munye wabadlali bebhola base-Afrika abahamba phambili, uyalelwe ukuba ondle lona wesifazane.
Kuzofanele amthumelele imali engu-R25 000 njalo ngenyanga, njengoba kwavulwa icala ngonyaka ka-2018.
UMengameli we-Cameroon Football Association, u-Eto’o akazange alubhade ezinkantolo zase-Spain futhi wakhetha ukungaphenduli ebufakazini obubhekene naye.
U-Eto’o akazange avume ukuthi unguyise wentombazane, nakuba unina ethi wazama ukumtshela.
Umama kuthiwa wahlangana nowayengumgadli we-Barcelona endaweni yokucima ukoma ebusuku e-Madrid ngonyaka ka-1997 ngesikhathi u-Eto’o, esaneminyaka engu-18, edlalela i-Leganes imubolekile.
Ngemuva kokuba bobabili behlangene endaweni yokucima ukoma ebusuku, ubudlelwane babo baqala khona lapho ngemuva kwesikhathi owesifazane wathola ukuthi ukhulelwe ingane yalenkakha, ngokusho kwephephandaba le-Spanish i-EFE.
Icala lathi u-Eto’o wamtshela ukuthi uzoyinakekela ingane ngendlela efanele, noma wayefisa ukuthi angayigcini ingane.
Umama wavula icala ngokunikeza inkantolo ubufakazi obeseka izinsolo zakhe.
Imali okufanele ayikhokhe u-Eto’o kusenesikhathi ingase igcine isilinganiselwa ku-R1 million, kanti akakaphenduli ngesinqumo senkantolo.
U-Eto’o useke wawina i-UEFA Champions League, i-La Liga, i-Serie A, i-Fifa Club World Cup kanye ne-Africa Cup of Nations, nezinye izindebe ezimbalwa.
Umthombo wesithombe: @Sporf