INkantolo isichithile isicelo sokuvimba ukugcotshwa kweSilo

Celani Sikhakhane

INkantolo eNkulu yase-North Gauteng isichithile esinye isicelo esiphuthumayo sokuvimba ukugcotshwa kweSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini.

Lokhu kuhlahla indlela yokuthi oNgangezwe Lakhe agcotshwe ngokusemthethweni ngenyanga ezayo njengeSilo samaZulu cishe angu-15 million.

Isicelo sifakwe nguMntwana uMbonisi waseKhwezi ethi iSilo uMisuzulu akufanele agcotshwe.

Encwadini yeNkantolo enamakhasi angu-78 uMntwana uMbonisi uthe isilo besisebenzisa izidakamizwa futhi siyaphuza.

Kamuva nje uMntwana uMbonisi uzame ukumisa inkulumo yeSilo uMisuzulu emcimbini wokugubha ukunqoba okuyingqophamlando kwamaZulu empini yaseSandlwana ebhekene namaNgisi.

UMntwana uThulani Zulu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bazizwa benamahloni ngoba abafuni ukuthi umndeni wakwaZulu uhlukane phakathi.

“Kubuhlungu ukuthi abanye abafuni iSilo sigcotshwe ngokusemthethweni, siyajabula ukuthi iNkantolo ilokhu ixosha labo abalwa nokugcotshwa kweSilo uMisuzulu.

“Yize nezinto ezishiwo nguMntwana uMbonisi zingalungile, kodwa esikufunayo ukuthi isizwe sakwaZulu sibumbane,” kusho uMntwana uThulani.

Kuzona lezi zinsolo ezibekwe phambi kweNkantolo uMntwana uMbonisi uhlasele uMntwana uMangosuthu Buthelezi emtshela ukuthi useyikhehla ebukhosini bakwaZulu.

Uthe uMntwana uMangosuthu usebenzisa ukusondelana neSilo ukuthuthukisa izinhloso zakhe zepolitiki.

UButhelezi ungumsunguli kanye noMengameli weNkatha Freedom Party.

Iqeqebana lamalungu endlu yaseNdlunkulu lichithe unyaka odlule liphikisa ngokugcotshwa kweSilo eziNkantolo okuhlanganisa nelinye icala elisalele eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

Amavukelambuso azama ukuthi uMntwana uSimakade athathwe njengendlalifa yeSilo samaBandla esesakhothama uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu. 

Izihloko zakamuva