INkantolo isichithile isicelo sendlovukazi sokuthola u-50% wefa leSilo

Celani Sikhakhane

INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu isichithile isicelo sendlovukazi uSibongile MaDlamini waseNdlukulu iKhethomthandayo kanye nezindleko.

Indlovukazi uSibongile ibifuna ukuthatha u-50% wefa leSilo Samabandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuZulu osakhothama njengoba babeshadile ngokusemthethweni.

IJaji uMjabuliseni Madondo uthe ofake isicelo uhlulekile ukucela iNkantolo ukuthi ikhiphe eminye imishado emihlanu yamakhosikazi eSilo njengoba ubethi le mishado ayikho emthethweni. Ngaleyo ndlela, iNkantolo ayikwazanga ukukhipha isinqumo ngento ebingekho phambi kwayo.

IJaji uMadondo libe selidlulela esicelweni sesibili samakhosazana uNtandoyenkosi noNtombizosuthu mayelana nokuba semthethweni kokusayinwa kwencwadi yefa kayise.

Samsung Galaxy 14G

Uthe kunongoti ababili ababhekisise i-signiture ukuthi ingumkokotelo yini noma cha.

Yize omunye ungoti ethe i-signature eyasayinwa ngoLwezi ngonyaka ka-2016 yakokodelwa, omunye, uCecil Griffith, uthe ngempela le signature ebhalwe encwadini yefa ngeyeSilo esesakhothama uZwelithini.

IJaji uMadondo unqume ukuthi abafake izicelo banikezwe izinsuku ezingu-15 zokuphikisa ukuba semthethweni kwe-signuture ukuze kuqulwe icala eNkantolo kanti uma behluleka, isinqumo sizophela.

INkantolo iyona kuphela isikhungo esingakwazi manje ukukhipha isinqumo mayelana nalolu daba uma amakhosazana amabili ephikisana nesiginisha.

Ijaji liphinde lasichitha isicelo sikaMntwana uMbonisi sokuvimba ukugcotshwa kweSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini nezindleko. 

Uthe lesi sicelo besisekelwe amahemuhemu angenaso isisekelo futhi nakuba iNkantolo ingasivumanga leso sinqumo, akukho ukucotshwa  okwenziwe. Uthe lokhu kufakazela ukuthi ngempela inzwabethi.

UMadondo ubuye wathinta udaba lukaMisuzulu kaZwelithini wathi ungumqaphi wobukhosi obungaphethwe muntu.

Ijaji likubeke kwacaca ukuthi isinqumo salo ngeke sithikameze ukwenyukela kukaMisuzulu kaZwelithini esihlalweni sobukhosi bakwaZulu.

Scrolla World Cup Quiz