INkantolo inqume ukuthi IPhalamende okufanele uthathe izinqumo ngezinguquko zentela

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

INkantolo eNkulu yaseWestern Cape inqume ukuthi uNgqongqoshe wezeziMali ngeke akwazi ukushintsha izinga lentela ngoba uMthethosisekelo unikeza lawo mandla iPhalamende kuphela.

Inkantolo inikeze iPhalamende izinyanga ezingu-24 ukuthi lilungise umthetho wentela ngemuva kokuthola ukuthi ingxenye ethile yalo mthetho yanikeza isigungu esiphezulu amandla entela.

INkantolo eNkulu yaseWestern Cape ikhiphe isinqumo sokuthi ingxenye ebalulekile yomthetho wentela iphambene nomthethosisekelo ngoba inika uNgqongqoshe wezeziMali amandla amakhulu.

IJaji uMatthew Francis likhiphe isinqumo ngoLwesine.

Uthe uMthethosisekelo ukubeka kucace ukuthi yiPhalamende kuphela elinganquma ukwethula, ukushintsha noma ukususa intela yezwe. Lawo mandla angeke anikezwe isigungu esiphezulu.

Icala lalethwa yiDemocratic Alliance ngoMbasa nyakenye.

Iqembu liye enkantolo ngemuva kokuthi uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana ememezele ukuthi intela izonyuka kusukela ngomhlaka-1 kuNhlaba.

Emaphepheni ayo asenkantolo, iDemocratic Alliance yathi iSigaba 7(4) seValue Added Tax Act alivumeli uNgqongqoshe ukuthi abeke, anyuse noma anciphise intela kazwelonke.

Leli qembu lithe la mandla ngawePhalamende kuphela futhi angeke ngokusemthethweni adluliselwe kuNgqongqoshe, ngisho isikhathi esifushane

UGodongwana kanye nokhomishana weSouth African Revenue Service u-Edward Kieswetter basiphikisa lesi sicelo.

Bathe lesi sigaba besihloselwe ukweseka ukuphathwa kahle kwezimali futhi bekungelona ikakhulukazi ukukhulisa imali.

Ijaji uFrancis liyichithile leyo mpikiswano.

Lithe amandla okubeka izinga lentela akuyona imininingwane emincane.

NgokoMthethosisekelo, ukukhokhiswa, ukuncishiswa noma ukuqedwa kwezintela zikazwelonke kufanele kwenziwe yiPhalamende ngokusebenzisa inqubo efanele yokushaya umthetho.

UFrancis uphinde wathi akukho okukuMthethosisekelo okuvumela ukuthi la mandla adluliselwe esigungwini esiphezulu.

Nokho inkantolo ikubeke kwacaca ukuthi izinga lentela osekumenyezelwe lona lizohlala likhona ngaphandle uma iPhalamende liwushintsha umthetho.

IPhalamende linikezwe izinyanga ezingu-24 ukuthi lilungise le nkinga.

USihlalo womkhandlu weDemocratic Alliance uHelen Zille usamukele lesi sinqumo.

Uthe lesi sinqumo siqinisekisa umgomo wokungakhokhiswa intela ngaphandle kokumelwa futhi saqinisa ukubhekwa kwezintela ePhalamende.

I-Economic Freedom Fighters nayo isamukele lesi sinqumo.

Okhulumela lo Mnyango uSinawo Thambo uthe lesi sinqumo sihambisana nombono wabo osekunesikhathi eside benawo wokuthi yiPhalamende kuphela elingagunyaza izinguquko emazingeni entengo yentel.

Esithombeni esingenhla: UNksz Hellen Zille we-DA ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseWestern Cape.

Umthombo wesithombe: DA

Izihloko zakamuva