Everson Luhanga noArthur Greene
INkantolo ixwayise uNhlanhla Lux Dlamini ngokubalekela ukuvela eNkantolo.
UNhlanhla ongumholi wenhlangano emelene nabantu abaqhamuka emazweni angaphandle i-Operation Dudula ngoLwesithathu inkantolo imxwayise ngokuthi angaphinde abalekele ukuvela enkantolo nokuthi incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe izohoxiswa.
Amaphoyisa ase-Meadowlands e-Soweto abophe uDlamini ngokuhluleka ukuvela enkantolo ngecala lokushaya elavulwa ngonyaka ka-2019. Wabuye wadedelwa ngebheyili ka-R1 000.
UDlamini wayesolwa ngokushaya iziqashi zikamama wakhe ngemuva kokuhluleka ukukhokha irenti.
NgoLwesithathu umholi weDudula uvele eNkantolo yeMantshi yase-Meadowlands e-Soweto.
UDlamini utshele inkantolo ukuthi ubengayazi incwadi egunyaza ukuthi aboshwe.
IMantshi ihlawulise uDlamini u-R300 ngokwehluleka kwakhe ukuvela eNkantolo ngomhlaka-30 ngoNhlaba ngonyaka ka-2019 yamnikeza isexwayiso ukuthi angaliphindi leli cala waphinde wathi incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe ihoxisiwe.
Lokhu kusho ukuthi ngeke kudingeke ukuthi akhokhe inhlawulo ngaphandle uma ephinda enza ubugebengu noma ehluleka ukuvela eNkantolo.
Okhulumela i-National Prosecution Authority Regional yase-Gauteng Local Division uPhindi Mjonondwane uthe uNtlantla Mohlauhi obuye abizwe ngelikaNhlanhla Lux Dlamini uvele eNkantolo yeMantshi yase-Meadowlands ngecala lokushaya waphinde walibalekela lelicala ngoMandulo ngo-2019.
“Umqashi owayeqashe kubo e-Meadowlands wammangalela esiteshini samaphoyisa ase-Meadowlands ngoMandulo ngo-2019.
“UMohlauhi wavela eNkantolo okokuqala mhla ziyisishiyagalolunye ngoMandulo ngo-2019 wadedelwa ngesexwayiso icala lahlehliselwa umhlaka-30 kuMandulo ngo-2019, kodwa uMohlauhi akabange esabuya eNkantolo ngalo lolo suku kwaphuma incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe,” kusho uMjonondwane.
UMjonondwane uthe iNkantolo ibe nophenyo mayelana nokuhluleka kwakhe ukuya eNkantolo ngomhlaka-30 ngoMandulo ngo-2019. Watholwa enecala wanikwa isexwayiso ukuthi angaphinde abalekele ukuvela eNkantolo nokuthi incwadi egunyaza ukuthi aboshwe izohoxiswa.
“Ngemuva kwalokho iNkantolo yamthola enecala lokushaya yamnikeza ibheyili ka-R1,000 yase ilihlehlisela umhla zintathu kuMandulo ngo-2022 ukuze kuqhutshekwe nophenyo.”
Kubekwe usuku olusha lweNkantolo mhla zintathu kuNhlaba ngecala lokushaya.
Sekungokwesibili kulo nyaka eboshwa uDlamini. Waphinde waboshwa ngomhlaka-24 kuNdasa ngemuva kokuthi ubuholi be-EFF bufake isimangalo emaphoyiseni ngokugasela ngokungemthetho kwe-Operation Dudula emzini womuntu oneminyaka engu-69.
UDlamini uboshwe ngemuva kosuku i-EFF inikeze amaphoyisa isinqumo sezinsuku eziyisikhombisa ukuthi ambophe yathembisa ukuzibambela mathupha uma i-SAPS ihluleka ukwenza lokho.