Inkantolo iluhlehlisile udaba lwamaLungu ePhalamende eqembu le-MK

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Icala eliseNkantolo eNkulu yaseWestern Cape mayelana nokuxoshwa kwamaLungu ePhalamende ayishumi eqembu loMkhonto weSizwe (MK) lihlehlisiwe ukuze kunikezwe leli qembu isikhathi sokwethula izimpendulo zalo.

Inkantolo ilalele lolu daba ngokuphuthumayo ngoLwesithathu phakathi kwalaba abakhalazayo neqembu eliholwa nguMnuz Jacob Zuma.

La malungu ayishumi ePhalamende aholwa nguThami Khuzwayo afuna inkantolo ikumise ukuxoshwa kwawo kuze kube kulandelwa imigudu efanele.

Bathi bekumele baziswe kahle ngokuxoshwa kwabo kodwa bathole ngesitatimende sabezindaba.

Amanye amaLungu ePhalamende atshelwe ukuthi alahlekelwe ubulungu bawo beqembu, kanti amanye athi kuqanjwe amanga ukuthi ahoxile.

La maLungu ePhalamende ayingxenye yeqembu labangu-18 abasanda kuxoshwa yileli qembu, elathi bafakwe ohlwini lwamalungu ePhalamende ngokukhwabanisa ngaphambi kokhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba.

Inkantolo ilihlehlisele umhlaka-3 kuMandulo udaba lwabo.

Isithombe esingenhla: AmaLungu ePhalamende e-MK Party ayishumi alwa nokuxoshwa kwawo.

Umthombo: USihle Mavuso

Izihloko zakamuva