Inkantolo ikhiphe umyalelo wokubulawa kweqhude eliwuhlupho  

Lubhalwe ngu-Abubakar Maishanu

Inkantolo yemantshi eNyakatho ne-Nigeria igwebe iqhude ukube lihlatshwe libulawe.

IMantshi eNkulu yase-Kano, uHalima Wali ikhiphe lo myalelo kuleli sonto ngemuva kokuthi omakhelwane bekhala ngokuthi ukukhala kweqhude kubaphuca ubuthongo.

Omakhelwane ababili bafake isimangalo enkantolo, bethi iqhude liphazamisa ubuthongo nokuthula komakhelwane.

Omunye wabamangali, uYusuf Muhammed, wase-Ja’en edolobhaneni lase-Kano utshele inkantolo ukuthi ukukhala kweqhude kuhlukumeza ilungelo lakhe lokulala.

Ngesikhathi evuma ukuthi iqhude lakhe likwazile ukuba nomsindo, u-Isyaky Shu’aibu ongumnikazi wesilwane, unxuse inkantolo ukuthi isimise isigwebo kuze kube uLwesihlanu.

Nokho, imantshi incengwa  abamangali igcine inqume ukuthi iqhude kumele lihlatshwe ngoLwesihlanu.

Izihloko zakamuva