Inkantolo igxeka indoda ebishayela budedengu yazithela esitimeleni

Lubhalwe i-Premium Times

Ugcinwe esitokisini umshayeli obeshayela budedengu ngemuva kokufaka ibhasi labasebenzi base-Lagos esitimeleni kwashona abagibeli abayisithupha kwalimala abangaphezu kuka-90.

U-Oluwaseun Osibanjo ubekwe amacala angu-16 okubulala ngokungenhloso nokulimaza kanzima kodwa uyawaphika wonke la macala.

Umshushisi uthi umshayeli uzishaye indiva izimpawu zesexwayiso wabe eseshayisa isitimela kwashona abantu abanye balimala.

Abagibeli abaningi abasindile basola ubudedengu bomshayeli nokungagxili emgwaqeni.

Ubekwe amacala angu-16 ahambisana nokubulala ngokungenhloso kanye nokulimaza kanzima. Uwaphike wonke la macala.

Umshushisi utshele inkantolo ukuthi ummangalelwa wenze amacala mhla ziyishiyagalolunye kuNdasa ngezithuba zehora lesikhombisa ekuseni e-Shogunle Level Crossing, e-Ikeja.

Bathe umshayeli akazinakanga izimpawu eziyisixwayiso wabe esezithela esitimeleni wabulala waphinde walimaza abaningi – okungamacala aphula imithetho yobugebengu yase-Lagos.

Inkantolo ihlehlisele icala kumhlaka-26 kuNhlaba kanti ummeli kammangalelwa uLekan Egberongbe ucele ukuthi ummangalelwa abuyiselwe emaphoyiseni wabeka izizathu zempilo. Kodwa-ke, ijaji linqabile lathi kushoda imibiko kadokotela.

“Uma isikhungo seziboshwa samaphoyisa sinikezwa umbiko wezempilo odingekayo kammangalelwa kufanele anikezwe usizo lwezempilo olufanele.”

Izihloko zakamuva