Inkantolo ichithe ingqungquthela ye-ANC eKurhuleni njenge yayingekho emthethweni

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Ingqungquthela ye-ANC ekhethe ubuholi obukhona beqembu Ekurhuleni ayizange iqhutshwe ngokwemigomo yombutho.

Lokhu kutholwe yiNkantolo eNkulu yaseGoli ethe kwaba nokungahambi kahle kulengqungquthela okwakhethwa kuyo  uTK Nciza njengoNobhala noMzwandile Masina njengoSihlalo.

Lesi sinqumo sinomthelela omkhulu ku-ANC e-Gauteng njengoba uNciza egcine esenguNobhala wale nhlangano esifundazweni. UMasina uqokwe esigungwini esiphezulu sesifundazwe.

Okutholwe yinkantolo kusho ukuthi uhlaka lobuholi Ekurhuleni kufanele luhlakazwe futhi kusingathwe kabusha ingqungquthela yokukhetha ubuholi.

Inkantolo iphinde yabeka eceleni izinqumo, ezathathwa engqungqutheleni eyayise-Indaba Hotel e-Fourways enyakatho yeGoli kusukela mhlaka-27 kuya kumhlaka-29 kuNhlaba 2022.

Isicelo sifakwe amalungu abengeneme uJabulani Sithole, uRethabile Samson Lukhele noDolly Molly Nkosi.

Batshele inkantolo ukuthi amanye amagatsha ahoxiswa ngokungemthetho.

Umehluleki  D Fisher uvumelane nabafake izicelo wathi: “Ekusondeleni kwengqungquthela futhi ekuqaleni kukaNhlaba, ikomidi elihlela izinhlelo kuzwelonke eliholwa nguNomvula Mokonyane likhiphe umbiko oqinisekisa ubulungu obuveza ukuthi kukhona amagatsha angu-112 cishe anamalungu angu-20,706 Ekurhuleni.”

Okungenani amagatsha ayisishiyagalolunye nezithunywa zawo ahoxisiwa kanti amanye amagatsha amane awazange aqinisekiswe.

Inkantolo ithole ukuthi uThembinkosi Nciza noMokonyane babambisana ukuze baqinisekise ukuthi labo ababakhethayo bangena esigungwini esiphezulu saseKurhuleni.

Esithombeni esingenhla: I-ANC Ekurhuleni

Umthombo wesithombe: ANC e-Gauteng

Izihloko zakamuva