Lubhalwe nguSihle Mavuso
INkantolo eNkulu yaseWestern Cape iluchithile udaba lwamalungu ayishumi ePhalamende oMkhonto weSizwe (MK) abezame ukuvimba ukukhishwa kwawo yileli qembu.
Inkantolo ibayalele ukuthi bakhokhe izindleko.
La maLngu ePhalamende, okukhona kuwo uThami Khuzwayo no-Isaac Menyatso, ahlulwe ngenxa yokuthi amaphepha awo asenkantolo abengagcwaliswanga ngendlela.
Inkantolo ithe amaphepha abo ashiye ngaphandle amaqiniso abalulekile. Abazange basho ukuthi babengamalungu e-MK Party ngesikhathi bejoyina iPhalamende noma ukuthi baxoshiwe yini.
Inkantolo iphinde yathi imithetho ye-MK Party uKhuzwayo athe uyifakile ibingabonwa emaphepheni asenkantolo.
Amanye amaLungu ePhalamende afake izitatimende sekwephuzile ngosuku lokuqulwa kwecala ngomhlaka-3 kuMandulo ngaphandle kwemvume.
Lokhu bekuqukethe amaqiniso amasha i-MK Party engathola isikhathi sokuwaphendula.
AmaLungu ePhalamende awazange asiphikise isitatimende sowayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma. UZuma uveze isithombe esimayelana nendlela i-MK Party esebenza ngayo, ishaya indiva imithetho yayo.
I-MK Party Youth League isamukele lesi sinqumo, yathi siyisifundo kulabo abazibeka ngaphambi kweqembu.
La maLungu ePhalamende alahlwe yicala abengakaphawuli.
Esithombeni esingenhla: I-MK Party eholwa nguJacob Zuma iphumelele enkantolo.
Umthombo: USihle Mavuso