Inkantolo ephakeme yaseKapa iyadansa

Inkantolo ephakeme yaseKapa yiyona eyakavuma ethatha umqhudelwano wokudansela ingoma yeJerusalema.

I-RSAJudiciary ifake ividiyo yezikhulu zenkantolo zenza umdanso othandwa emhlabeni wonke.

Ngeviki eledlule uMengameli uCyril Ramaphosa ngenkathi ethula inkulumo yakhe uthe: “Ayikho enye indlela yokubungaza ukuba ngowaseNingizimu Africa ngaphandle kokuhlanganyela into yomhlaba wonke esabalale emhlabeni, okungumqhudelano wokudansela iJerusalema. Ingoma ethi Jerusalema engiyithanda kakhulu,” uyasho ngokumamatheka.

UMaster KG, obhale le ngoma, wamukele ukubongwa kwakhe ngomthandazo waphinde wabhala ukuthi: “ungawangabazi amandla kaNkulunkulu.

Umthombo: i-Twitter (@OCJ_RSA)