INkantolo eNkulu yase- Bloemfontein ijezise owayengunogada ka-Ace Magashule

Kabelo Tlhabanelo

INkantolo eNkulu yase-Bloemfontein ijezise uRicardo Mettler owayengunogada kaNobhala-Jikelele we-ANC, u-Ace Magashule.

UMettler ugwetshwe iminyaka eyi-15 ebhadla ejele ngokweba umdwebo obiza izigidi ezingama-R8 ngoNdasa ngowe-2018.

IJaji uSoma Naidoo uphinde wamgweba eminye iminyaka eyi-15 ngokukhwabanisa imali nokunikeza usomabhizinisi wase-China lomdwebo njengesibambiso semali mboleko.

Kungezwe ezinye izinyanga eziyi-12 kulesi sigwebo njengoba uMettler enza isitatimende esingamanga emaphoyiseni, ethi uMagashule umnikeze lo mdwebo.

UMettler untshontshe lo mdwebo, ongokahulumeni wase-Free State, ngenkathi eqoqa ehhovisi likaMagashule.

Wasusa ibhakhodi wamboza lo mdwebo ngephepha elinsundu.

Usebenzise lo mdwebo njengesibambiso ukuthola imali mboleko kusomabhizinisi wase-China.

Watholwa enecala lokukhwabanisa yinkantolo efanayo ngoZibandlela futhi wachitha isikhathi samaholidi esejele elinde ukugwetshwa.

Umshushisi u-Antoinette Ferreira uthe, uMettler wayekhuthazwa ukuhaha.

“Ummangalelwa wayenenhloso ngesikhathi efihla ukumakwa kwalo mdwebo. Wayazi kahle ukuthi ubalulekile lo mdwebo yingakho wayefuna ukuwunikeza njengesibambiso. Wacelwa kwaze kwaba kabili ukuthi abuyise lo mdwebo kodwa wenqaba,” kusho uFerreira.

Umthombo wesithombe: @Magashule_ace

Izihloko zakamuva