Inkani kaPutin ingaholela ekubeni nendlala emazweni amaningi

Arthur Greene

Izinhlamvu zikakolweni eziningi ezivaleleke kuma-container ase-Mpumalanga ne-Ukraine zingase zibangele indlala enkulu emhlabeni wonke kuhlanganise nase-Afrika uma zingakhululwa maduze.

Ngaphambi kokuba ihlaselwe i-Russia, i-Ukraine ibingelinye  lamazwe ahweba kakhulu izinhlamvu zikakolweni emhlabeni wonkana. Ezondla abantu abangaphezu kuka-400 million minyaka yonke. U-40% kakolweni osetshenziswa e-Afrika uthengwa e-Ukraine noma e-Russia. 

U-100% kakolweni wase-Somalia nase-Benin ungeniswa kula mazwe amabili.

Kodwa-ke umzila wayo ojwayelekile ophuma olwandle olumnyama uvinjwe amasosha ase-Russia.

Abaholi baseNtshonalanga manje sebefuna ukunqamula isivumelwano esingagwema inkinga yokudla emhlabeni jikelele.

Isikhulu esiphezulu senhlangano yezizwe ezihlanhene siye e-Moscow ngesonto eledlule ukuyozama ukuxoxisana ngesivumelwano esizodedela izinhlamvu zikakolweni eNingizimu Afrika, i-Egypt, i-Yemen nakwamanye amazwe.

NgoLwesihlanu uMengameli wase-Senegal kanye noSihlalo we-African Union uMacky Sall uvakashele uMengameli wase-Russia uVladimir Putin endaweni ahlala kuyo e-Black Sea e-Sochi.

USall utshele uPutin ukuthi aqaphele ngoba amazwe ase-Afrika ayizisulu kule ngxabano.

Ekupheleni kwezingxoxo uPutin umemezele ukuthi i-Russia isilungele ukuqinisekisa ukuhamba ngokuthula kwemikhumbi eshiya ama-container ase-Ukraine. Kodwa-ke lokho kuzokwenzeka uma  kususwa unswinyo lwezomnotho e-Russia. Esinye isikhulu saseMelika sichaze isiphakamiso sikaPutin njengesepolitiki futhi njengoku qola saphinde sathu iMelika ayisoze yavumelana nesivumelwano esinjalo.

“Kunzima ukubuka izipesheli zase-Russia ngokwethembeka uma ubheka ukuthi zicekela phansi kanjani futhi ngamabomu imikhiqizo yokudla e-Ukraine futhi zibhebhethekisa ukungavikeleki kokudla emhlabeni wonke,” esinye isikhulu sitshele abezindaba.

Kodwa-ke isandla se-Russia singaphoqeleka njengoba abanye ababambisene nabo abadinga ukuthunyelwa bebeka ingcindezi kubo ukuthi basuse ukuvinjwa kwama-container. 

“Ukuhwebelana okuningi phakathi kwe-Moscow namanye amazwe kuyaphazamiseka kanti lokho kuletha ukukhathazeka,” kusho u-Amin Awad umxhumanisi wezinkinga ze-UN e-Ukraine etshela i-News24.

“Izingxoxo zisalokhu ziqhubeka futhi ukufinyelela esiphethweni lapho kuzoba kuzoba nzima kakhulu” ngokusho kuka-Awad.

Khonamanjalo amanani okudla e-Afrika akhuphuke kakhulu kusukela kwaqubuka impi ngomhlaka-24 kuNhlolanja esevele adlula lawo angemuva kwemithombo yama-Arab angonyaka ka-2011 kanye nezibhelu zokudla ngo-2008.

Kepha inhlekelele enkulu kakhulu yendlala ilindeleke uma izinhlamvu zikakolweni ezise-Ukraine zingakhululwa maduze.

Umthombo wesithombe: @nytimesworld

Scrolla World Cup Quiz