INkandla ilungiselela umcimbi omkhulu wokukhululwa kukaZuma

UCelani Sikhakhane noZukile Majova

I-Jacob Zuma Foundation kanye nomndeni wowayenguMengameli bahlela ukuba nomcimbi omkhulu emzini walowo owayenguMengameli obiza izigidi ezingama-R250 eNkandla eNyakatho ne-KZN.

Umholi weThekwini Community Church uMbhishobhi Vusi Dube uthe bahlela umkhuleko njengengxenye yemisebenzi ehlelelwe ukwamukela uZuma ekhaya.

UMzwanele Manyi, okhulumela i-JG Zuma Foundation, uveze ukuthi oneminyaka engama-79 angahle ahlatshelwe izinkomo.

“Okwamanje akakadedelwa esibhedlela soMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo. Isinqumo sokuthi akhishwe ngoshwele wezokwelashwa yizindaba ezimnandi impela futhi sikhombisa ukuthi kunabantu abasenabo Ubuntu kulolu hlelo. Siyasithokozela impela lesi sinqumo. Okwamanje usesesibhedlela sezokuHlunyeleliswa kweziMilo. Sisalinde ukuthi akhishwe kuleso sibhedlela. Sizobe sesibona ukuthi kukhona yini esingakuhlaba ukuze simamukele ekhaya,” kusho uManyi.

UMsholozi uphuma ejele ngemuva kokudedelwa ngoshwele wezempilo nguMnyango WezokuHlunyeleliswa KweziMilo.

Esitatimendeni esithunyelwe ngabezindaba, umnyango uthe: “Ukudedelwa ngoshwele wezokwelashwa kukaMnu Zuma kusho ukuthi uzosigcwalisa isigwebo esisele ohlelweni lokulungiswa komphakathi, lapho ezothobela khona imibandela ethile futhi uzobhekwa kuze kube isigwebo sakhe siyaphela”.

UMbhishobhi uVusi Dube uthe: “Siyajabula ngalesi sinqumo futhi ngaphezu kwakho konke siyajabula ukuthi uNxamalala wethu uzokwazi ukuchitha isikhathi nonkosikazi wakhe umama uMakhumalo obephatheke kabi kakhulu ngokuboshwa kwakhe. Sizohlela umkhuleko omkhulu eNkandla ukubonga uNkulunkulu ngokubuyisa uNxamalala ekhaya”.

UDJ odumile kaMaskandi kuNongoma FM noyisishoshovu samasiko uWelcome Ntombela, obeseka uZuma ngokukhululeka, uthe: “UZuma mdala kakhulu ukuthi angachitha isikhathi ejele futhi besikhathazeke kakhulu ngokuboshwa kwakhe”.

Iqhawe le-Radical Economic Transformation (i-RET), uNkosentsha Shezi, uthe: “Lesi yisinqumo sokubungazwa njengoba kukhombisa ukuthi sisenezinhlaka ezithile zombuso ezingathenjwa. Sekuyisikhathi manje sokuthi iNkantolo yoMthethosisekelo izibonele futhi imemezele isinqumo sokusulwa kwecala”.

Indodana endala kaZuma u-Edward Zuma uthe: “Sijabule njengomndeni futhi siyasamukela isinqumo sebhodi sikashwele wezempilo sokudedela uMsholozi”.

Izihloko zakamuva