Sizwe Sibiya
NgoLwesihlanu, izihlabani ze-rap zaseNingizimu Afrika uK.O kanye noMA-E bakhiphe i-albhamu ethi-welcome to the Planet ngokwethulela abalandeli boMzansi Hip Hop eqenjini lamathalente amasha nahlukene.
Lolu hlelo lokuqala ukukhishwa iSkhanda World, luhlanganisa abaculi abasayiniswe kulenkampani yokuqopha.
ISkhanda World yasungulwa ngemuva kokuhlakazeka kwenkampani yokuqopha ka-K.O i-Cashtime.
Ingoma yokuqala kule albhamu enesihloko esithi “Homeground”, inabaculi abavela kuSkhanda World kuphela kanti kuvidiyo yomculo eqondiswe nguKumba Jemba, umuntu angathola umongo wecwecwe.
Njengomholi wethimba, u-K.O uhola ingoma ngekhorasi ngaphambi kokugxumela evesini. “kule ngoma usuke egxeka abesifazane abaziphethe kabi, njengoba enzile kumavesi akhe amaningi kuyo yonke iminyaka yakhe eyi-16.
Umrepha waseThekwini uLoki ubamba indlela ye-rap ku-K.O, uphinde athathe indlela kaSkhanda yoku-rap.
“Silungiselela ukuvakasha, isamba nabo-dolly,” kucula umrepha uLoki ngaphambi kokuba alidlulisele ku-Roii ocula nge-SeSotho unethonya elibi laseMelika evesini lesithathu levidiyo edlala imizuzu-4:25.
Khonamanjalo u-MA-E ushiyelana ivesi lokugcina lengoma noJust Bheki oletha umoya ohlukile engomeni njengoba eqale ivesi lakhe ngomculo we-afro-pop ngaphambi kokuvala ingoma ngama-bar ambalwa.
Ngokuphambene nenhlokomo ngale albhamu enezingoma eziyishumi nanye ehlanganisa abaculi abafana noBlxckie, uFocalistic, uCassper Nyovest, uTshego, u-AKA noNadia Nakia, le vidiyo yomculo isalokhu ibukwa abantu ababalelwa kwabayi-24 000 ezinkundleni zokuxhumana ezinsukwini ezintathu iqale ukukhonjiswa ku-YouTube. .
Umthombo wevidiyo: YouTube