Inkampani yezindiza yase-Nigeria imise ukusebenza

Kamogelo Olaitan

I-Nigerian Airline Operators (i-AON) izomisa ukusebenza ngoMsombuluko ngenxa yokukhuphuka kwentengo kaphethiloli wezindiza.

Encwadini eya kuNgqongqoshe Wezokundiza, uSadi Sirika kanye ne-Nigerian Civil Aviation Authority ngoLwesihlanu, inhlangano elawula izindiza ichaze ukukhuphuka kwentengo kaphethiloli wezindiza “njenge ngabekezeleleki”.

“I-Airline Operators yase-Nigeria ngokudabukisayo yazisa umphakathi jikelele ukuthi izindiza ezingaphansi kwayo zizoyeka ukusebenza ezweni lonke kusukela ngoMsombuluko kuze kube kumenyezelwa okuhlukile ,” kusho i-AON.

Intengo kaphethiloli wendiza kuleliyazwe inyuke isuka ku-R7.36 ilitha yafinyelela ku-R27.11 selokhu i-Russia iqale ukuhlasela i-Ukraine ngoNhlolanja.

Ngokusho kwe-AON manje sebezobiza ikhasimende u-120,000 naira (u-R4,600) indiza ngehora elilodwa.

“Ayikho inkampani yezindiza emhlabeni engakwazi ukubekezelela lolu hlobo lokukhuphuka kwentengo kaphethiloli okungazelelwe esikhathini esifushane,” kusho le nhlangano.

Bathe uphethiloli wendiza emhlabeni wonke wenza cishe u-40% wezindleko zokusebenza kwezinkampani zezindiza. Lokhu kukhuphuka okukhulu kusho ukuthi uphethiloli wenza cishe u-95% wezindleko zokusebenza kwenkampani yezindiza yase-Nigeria.

I-AON ithe isitshele uhulumeni, amalungu ePhalamende, inkampani kawoyela kahulumeni kanye nenhlangano emele abadayisi bamafutha ukuthi kukhona okumele kwenziwe ukuze kwehle izindleko.

Kube nokumiswa nokubambezeleka okuningi kwezindiza kusukela ngoNdasa, kanti kusolwa ukuthi lokhu kungenxa yokushoda kukaphethiloli wendiza.

UMnyango Wezokundiza unxuse izinkampani zezindiza ukuthi zicabange ngomphumela wokuvala ukusebenza kubantu base-Nigeria nabahambi bomhlaba.

I-Nigeria, okuyizwe elikhiqiza uwoyela omkhulu kunawo wonke e-Afrika, ingenisa imiphongolo kawoyila engu-1.4 million ngosuku kanti yona icwenga okuncane kakhulu. Incike cishe ngokuphelele ekuthengisweni kukaphethiloli kwamanye amazwe.

Scrolla World Cup Quiz