Sizwe Sibiya
Izikhondlakhondla kwezokusakaza i-Multichoice Group kanye nenkampani i-Walt Disney e-Afrika basayine isivumelwano seminyaka emithathu samalungelo okusakaza.
Isivumelwano esokuthi izwe lizonamathela ezinhlelweni ze-Disney kuze kube ngunyaka wezi-2024.
Ngalesi sivumelwano, abantu base-Afrika bazoqhubeka nokubuka izinhlelo ze-Disney enkampanini yabo yezokuzijabulisa i-DStv Now satellite TV, ephethwe i-Multichoice Group with Gotv njengomabonakude wabo wesibili wesathelayithi kanye nenkundla yokusakaza i-Showmax.
“Ukubambisana nenkampani efana ne-Disney kusho ukuthi siyakwazi ukuqhubeka nokulethela ababukeli bethu okuqukethwe emazweni nokungakhethi minyaka.
“Ngenxa yokuvuselelwa kwenkontileka sizokwazi ukuletha umbukiso odlala kwi-Disney ezindlini zalabo abane-DStv yonke indawo,” kusho uGideon Khobane, ongumphathi we-Multichoice Group for General Entertainment Content esitatimendeni.
Khonamanjalo i-Disney Junior ne-Disney Channel ku-DStv bamemezele izinhlelo ezintsha ezizoqala ngesikhathi senkontileka entsha okuhlanganisa nezinhlelo ezifana ne-Mickey Mouse Funhouse nesizini 2 kaMira ku-Disney Junior. Ku-Disney Channel, sizothola i-Viking Skool kanye ne-Ghost Force lokhu kuzohambisana nezinhlelo ezintsha