Dylan Bettencourt
U-Eskom umemezele ukuthi uzoqala isigaba sesine sokucisha ugesi kusukela ngoLwesithathu emini kuze kube uLwesihlanu ekuseni njengoba iziteshi zikagesi ziwohloka.
Futhi lokho kuzolandelwa isigaba sesibili ngempelasonto.
INingizimu Afrika ibivele ibhekene nokucishwa kukagesi okusesigabeni sesibili ngaphambi kokuthi u-Eskom unyuse ugesi waze wafika esigabeni sesihlanu ngoLwesithathu ekuseni.
“Ngeshwa ukucishwa kukagesi kwesigaba sesine kuzoqalwa ngehora le-12:00 ngoLwesithathu kuze kube ihora lesi-05:00 ngoLwesihlanu; ngemuva kwalokho ukucishwa kukagesi kwesigaba sesibili kuzoqhubeka njengoba bekukhulunywe ngaphambilini kuze kube ihora lesi-05:00 ngoMgqibelo,” kusho u-Eskom ubhale ku-Twitter ku-akhawunti yabo esemthethweni.
Inkampani ephehla ugesi ewohlokayo ithe amayunithi kagesi amaningana athintekile kwavalwa iziteshi ezimbili, okuphoqe ukuthi bandise ukucishwa kukagesi ezweni lonke. Njengenhlalayenza, bagcizelela ukuthi ukucishwa kukagesi isona isisombululo futhi batshela isizwe ukuthi akufanele sikhathazeke!
“Sikhumbuza amakhasimende ukuthi ukucishwa kukagesi kuthathwa njengesinyathelo sokugcina, ukugcina amandla ohlelweni lukagesi kungakhathalekile ukuthi ungakanani ugesi. Ngakho-ke ukuqalwa kokucishwa kukagesi esigabeni sesine akusona isizathu sokwethuka njengoba uhlelo lukagesi lusalawuleka ngendlela efanele,” kusho u-Eskom..
Umthombo wesithombe: @eNCA