Lubhalwe nguRorisang Modiba
USheriff uhluleke kathathu ukuthola inkampani kaSomizi Mhlongo, iSearch Light, emahhovisi aseSandton ngemuva kokushaya indiva isinqumo senkantolo.
Abasebenzi bathi baxoshwe ngaphandle kwesaziso, inkampani isakweleta u-R165 000 nakuba iCCMA ivune bona.
Inkampani kaSomizi Mhlongo ithule cwaka ngemuva kokuyalelwa ukuthi ikhokhele abebengabasebenzi imali engaphezu kuka-R165 000 abangayiholelwanga.
Inkampani, iSearch Light (Pty) Ltd, yatshelwa i-Commission for Conciliation, Mediation and Arbitration ukuthi ikhokhele abasebenzi imiholo yezinyanga ezintathu okubalwa uMbasa,uNhlaba noNhlangulana kodwa imali ayikaze ifike.
Omele inyunyana uThabiso Putswe waseHotellica uthe uSheriff waya emahhovisi enkampani eSandton izikhathi ezintathu ngoMandulo kodwa wathola kukhala ibhungezi.
“Kubukeka sengathi sebephumile manje sebesebenzela ekhaya,” kusho yena, kubika iFakaza News.
Amaphepha asenkantolo avela eNkantolo yeMantshi yaseRandburg aqinisekisa ukuthi isikhulu senkantolo asitholanga lutho ayengasithatha ngoba zazingekho izimpahla ekhelini.
Abameli babasebenzi sebezama ezinye izindlela zokuthola le mali, okuhlanganisa nokuthungatha elinye ihhovisi okuthiwa liseCarlton Centre eGoli.
Inkinga yaqala ngoMbasa ka-2025 lapho abasebenzi abambalwa besola uSomizi nozakwabo ebhizinisini, uLindo Maleho, ngokubaxosha ngaphandle kwesaziso noma ukulalelwa kwecala.
ISearch Light yinkampani yokuhlanza ehlinzeka ngabasebenzi kwaTransnet eCarlton Centre.
Ngesikhathi lolu daba luqala ukuphumela obala ngoNtulikazi, uSomizi waphika ukuthi ungumnikazi wale nkampani, encokola ku-Instagram wathi: “Ngisanda kuthola ukuthi nginenkampani engingakaze ngibe nayo.
Osesithombeni esingenhla: USomizi Mhlongo.
Umthombo wesithombe: Ifayela
