Inkampani eqopha umculo isisayine umculi wama-piano

Sizwe Sibiya

Bathi uma kufika izikhathi zokuphelelwa ithemba kumele uthathe izinyathelo eziphusile.

Kulandela ukwehla kwedumela lenkampani eqopha umculo i-Ambitious Entertainment, ngemuva kokuphuma kwabaculi kule nkampani, umsunguli uKgosi Mahumapelo usayine umculi wokuqala wama-piano.

USupra oneminyaka engu-18 wase-Parys e-Free State usayine kulenkampani.

Ngokushesha ngemuva kokusayina uSpura ongahlobene nomculi wama-piano ongasekho uMpura, i-Ambitious imemezele ukuthi uzokhipha ingoma yakhe yokuqala ethi “Amahloni”.

Le ngoma isibukwe abantu abangu-11,000 ku-YouTube kusukela ikhishwe ngoLwesihlanu olwedlule.

Yize sekuphele isonto uSpura esayine ne-Ambitious, ukwazile ukucula engomeni yokuqala kaZuma noReece Madlisa kulo nyaka, enesihloko esithi “Megalo okukhona kuyo noClassic Deep.

Ngezwi elifana nelikaBoohle engomeni eshisa izikhotha ethi, “Siyathandana”, uSupra angase abe isitebhisi esizosiza i-Ambitious iphindele phezulu.

Lalela ingoma kaSpura yokuqala lapha.

Umthombo wevidiyo: YouTube

Scrolla World Cup Quiz