Impilo ingase ibe nzima kakhulu kubantu abaningi base-Russia njengoba inkampani eyenza i-Viagra imise ukulethwa kwemithi e-Russia.
I-Russia izophoqeleka ukuthi ikhiqize awabo amaphilisi asiza abesilisa ngemuva kokuthi umnikazi womkhiqizo we-Viagra, i-Viatris ememezele ngoLwesithathu ukuthi uzomisa ukuhambisa amaphilisi e-Russia.
I-Viatris yazisa i-Russia ngokumiswa kokulethwa kwamaphilisi ngo-2022 kulandela ukuhlasela kwe-Moscow e-Ukraine, kubika i-Washington Post.
I-Kremlin ithe izinkampani zasendaweni ezingu-36 “zinethuba lobuchwepheshe lokwakha iphilisi elisiza abesilisa elizongena esikhundleni saleli. Kodwa-ke, i-Sildenafil okungumuthi osetshenziselwa i-Viagra, awukhiqizwa e-Russia okwamanje.
I-Viatris yalahlekelwa imali unyaka wonke e-Russia ngenxa yezinkinga zokudlulisa impahla, kodwa yaqhubeka nokuthola amaphilisi ezigulini ezazikhona.
Ngokusho kocwaningo olwenziwe i-Centre for the Development of Advanced Technologies, kusukela ngoNtulikazi kuya kuMandulo ngonyaka ka-2022 i-Russia yathenga amaphakheji engeziwe amaphilisi angu-2.7 million okusho ukuthi banyuka ngo-88% kwisibalo sabo esijwayelekile uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Phakathi nalezi zinyanga ezintathu, abantu base-Russia basebenzisa ama-ruble angu-2.1 billion ngenxa yokungasebenzi kahle kwe-erectile. Uma kuqhathaniswa nonyaka odlule izindleko zabo zakhuphuka ngo-75%.
Yize izinkampani ezenza imithi bezingazange ziqondiswe ngqo kumaphakheji onswinyo, amabhizinisi azo kanye nempahla kuhlaselwe impi futhi abaningi baye babhekana nezinkinga zokudlulisa amaphilisi.
NgoNhlaba nyakenye, i-Ukraine yamukela umthetho owawuvimbela ukuthengiswa nokusatshalaliswa kwemithi ezinkampanini ezigcina ubuhlobo ne-Russia.
Luhlanganiswe nguMashudu Mabila
Isithombe esingenhla: Iphilisi i-viagra
Umthombo wesithombe: Umlando