Lubhalwe nguThathe Msimango
Umsubathi uStephen Mokoka usegxilise amehlo akhe ekugijimeni imizuzu engaphansi kuka-28 okokuqala ngqa ekhaya njengoba ezongenela umjaho ka-10km waseKapa.
Lo mjaho ozoba ngomhlaka-14 kuNhlaba futhi uyingxenye yochungechunge lwemijaho ye-Run Your City ka-10km ezoba eKapa, eThekwini, eGoli, ePitoli nase-Gqeberha.
Emjahweni wokuqala obuse-Gqeberha ngenyanga edlule uPrecious Mashele wenze irekhodi elisha lakuleli lika-10km ngesikhathi esimangalisaho semizuzu engu-27 nemizuzwana engu-35.
UMokoka, owake wabamba irekhodi lika-10 km, ukholwa ukuthi sekuyisikhathi sokuthi afunde ukuqeda umjaho ngaphansi kwemizuzu engu-28 phambi kwabalandeli baseKapa. Waqopha irekhodi lakhe langaphambilini lakuleli lika-27:38 e-Manchester ngo-2015.
Uthe kuyamjabulisa ukubona uMashele ne-SA Record entsha, uMaxime Chaumeton owaqeda esikhathini esingu-27:58 noThabang Mosiako oqede ngo-27:52.
“Bakwenzele ekhaya,” kusho uMokoka, osewine kathathu ku-Cape Town Marathon.
“Lokhu kukhombisa ukuthi lolu chungechunge luthela izithelo ezinhle. Ngifisa nokwenza i-sub 28 lapha kuleli.”
Lo msubathi oneminyaka engu-38 ubudala, osedle umhlanganiso amahlandla amane kwi-Shanghai Marathon futhi usefomini enhle kulo nyaka. Uphuthelwe ukusetha irekhodi elisha le-marathon ngemizuzwana eyisishiyagalolunye ngesikhathi eqeda ukugijima emahoreni amabilili, imizuzu eyisithupha namasekhondi angu-42 ngesikhathi se-Osaka Marathon kuNhlolanja.
“Ukuziqeqesha kwami kuhamba kahle,” kusho uMokoka.
“Ngonyaka odlule bengigijima ngilimele, kodwa kulo nyaka ngingumqemane. Ngiwubheke ngabomvu lo mdlalo.”
EKapa. Kuzobe kuwumjaho omuhle kakhulu.”
UMokoka kulindeleke ukuthi alwele ukuthola imiklomelo ephezulu noMashele, uMosiako, uMelikhaya Frans nomfana osemncane wase-Kenya, uDenis Kipngetich, onerikhodi lesikhathi esihle esingu-28:45 ekuhambeni.
Isithombe esingenhla: UStephen Mokoka
Umthombo wesithombe: I-Pinecrest